ZIZOTHUTHWA ngamaguzu izimpahla ezibheke echwebeni laseRichards Bay ukuze kunciphe isiminyaminya samaloli kuleya ndawo.
Lezi zindaba zimenyezelwe nguMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi eyohlola isimo echwebeni.
“Kuningi okwenziwayo ukuqinisekisa ukuthi izimpahla ziyafinyelela emikhunjini. ITransnet inohlelo lokufaka impahla emaguzwini ukuze kunciphe isiminyaminya samaloli emigwaqweni yaseMhlathuze. Zikhona nezinye izinhlelo ezizoqinisekisa ukuthi amachweba ahamba kahle engizobikelwa ukuthi zihamba kanjani ngoba asifuni ukuthi kuphinde kube nesimo esifana nalesi,” kusho uRamaphosa.
Kuzoba nendawo lapho amaloli ezopaka khona alindele ukungena echwebeni ngoba sifuna ukuqeda isiminyaminya.
Uthe kuzobhekwa ukuthi yini eholele kulesi simo bese kuqondiswa ubugwegwe abathintekayo.
Uveze ukuthi bazosebenzisana nosomabhizinisi ukuze babalekelele ekusebenzeni kwamachweba kwazise badinga ukubona yonke impahla eya kwamanye amazwe ingena emkhumbini.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe bayajabula ukuthi uMengameli ubehambele eRichards bay futhi banethemba lokuthi isiminyaminya samaloli sizoxazululeka njengoba enye impahla izothuthwa ngamaguzu.
UNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, uthe umehluko uzoba khona emachwebeni aseNingizimu Afrika sizophela isiminyaminya samaloli eRichards Bay nesamakhonteyna eThekwini.