KUVELE amagama ezikhulu ezisolwa ngenkohlakalo kufungiswa amalungu amasha e-MK ePhalamende.
Phakathi kwamalungu e-MK amasha afungisiwe kukhona igama laloyo owayeyisikhulu esiphezulu e-Eskom, uMnuz Brian Molefe, elaloyo owayeyisikhulu esiphezulu ePrasa, uMnuz Lucky Montana, nelaloyo owayeyisikhulu esiphezulu eTransnet, uMnuz Siyabonga Gama.
Laba bobathathu bafungiswe uSomlomo, uNkk Thoko Didiza, izolo.
Bonke laba baholi bashiya ezikhundleni zabo belandelwa yifu elimnyama.
Amagama abo avela kakhulu ngesikhathi kuqhubeka iKhomishini eyayiphenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Okhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uncome amagalelo alaba baholi ngesikhathi besaphethe la mabhizinisi kahulumeni.
Abanye abaholi be-MK abafungiswe izolo, uMnuz Gezani Kobane, owaziwa ngelikaPapa Penny, okhulumela inhlangano kaZuma engenzi nzuzo, uMnuz Mzwanele Manyi, uMnuz Thulani Gamede, uMnuz Thembinkosi Mjadu, noNksz Nompumelelo Gasa.
UNdhlela unxuse zonke izikhulu zikahulumeni ezinamava nezincithabuchopho ukuba zijoyine i-MK.
“Sisembhidlangweni wokulungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya lwango-2026 nokhetho lukazwelonke lwango-2029. Sifuna lusifice sikulungele ukuphatha.”
I-MK ifungisa labaholi nje, kusenombango ngokuxoshwa kwamalungu ale nhlangano angu-18.
La malungu afaka icala enkantolo ephonsela inselelo ukuxoshwa kwawo.
Kunesivimbelo esinqanda i-MK ukuthi ifake abantu ezikhaleni zalaba baholi kuze kube kuphuma isinqumo mayelana nokuxoshwa kwabo.
Laba baholi be-MK bafungiswe namalungu e-EFF, oMnuz Sinawo Tambo no-Nazier Paulsen.
UTambo no-Paulsen bangena ezikhaleni ezivuleke emva kokuqembuka kukaManyi noFloyd Shivambu, abajoyine i-MK ngeledlule.
UNkk Didiza wamukele amalungu amasha, wawayalela ukuba asebenze ngokuzikhandla.