NGESONTO kuphela iminyaka ewu-48 intsha yaseNingizimu Afrika eyayiphila ngo-1976, yabhikisha ilwa nohulumeni wobandlululo, ilwela ukufuna ukufunda ngolimi lwayo ezikoleni, hhayi ukufunda zonke izifundo ngesiBhunu, isenzo esasiphoqwa wuhulumeni wengcindezelo, izwe lingakakhululeki.
Ngalelo langa, abafundi bezikole ezehlukene zaseSoweto abalinganiselwa ku-10 000 babegcwele imigwaqo, bebhikisha. Lokho kwaholela ekutheni kufe abantu abangaphezu kuka-500, kubalwa noHector Pieterson, owayeneminyaka ewu-12 ngaleso sikhathi. Kwalimala abantu abangaphezu kuka-2 000.
Isolezwe lixoxe nentsha ephila manje uNksz uZoleka Dlamini waseHighflats, uMnuz Sibusiso Cele waseNdwedwe noNksz Nothando Ndlovu waseThekwini, ukuzwa ukuthi lolu suku lusho ukuthini kubona nokuthi yikuphi okungabagculisi ngalo manje.
UNksz Dlamini (21) uthe ukubaluleka kwalolu suku kuya ngokuya kuyehla ngenxa yokuthi intsha yamanje ayisenandaba nomlando nokubaluleka kwawo, ngenxa yezizathu ezehlukene.
“Lolu suku seluyiholidi nje elifana namanye ngenxa yokuthi intsha seyiphelelwe yithemba lempilo engcono. Iningi lethu lifundile kodwa imisebenzi ayitholakali, yingakho abaningi sebelushaya indiva. Kumele kwenziwe izinhlelo zokuluvuselela, kufundiswe abeza ngemuva kwethu ngokubaluleka kwalo, futhi kukhuthazwe ubumqoka bokuzimela nokuqala amabhizinisi entsheni,” kusho uNksz Dlamini.
UCele (35) uthe nakuba lolu suku lusesemqoka ngenxa yomlando walo, kepha azikapheli izinto ezikhathaza intsha, umehluko wukuthi intsha yamanje isibhekene nezinkinga ezehlukene kunezentsha eyayiphila ngo-1976.
“Thina sasilwela izinto engingabala kuzo inkululeko yezomnotho, wukuzimela nokuba ngabaholi bakusasa. Lokho kubonakele nangesikhathi kuvotwa ukuthi intsha seyikhathele yizethembiso ezingafezwa, ifuna izinhlelo zezinto ezibambekayo zokuthi kuzoyiwa kanjani phambili,” usho kanje.
UNksz Ndlovu (29) ugxeke intsha yamanje, ekhala ngokuthi izinto ezenziwa ngabanye babo zikhombisa ukungazi ukuthi sisuka kuphi njengoba izwe selilana elikhona manje.
“Intsha yamanje yazisa kakhulu amalungelo nokwenza igcine ingasazinaki ezinye izinto ezimqoka, futhi igcina yenza izinto ezingalungile bese icasha ngokuthi ikhululekile. Nokho isekhona intsha ekuqondayo ukuthi asifikanga kalula lapho esikhona manje. Kumele siyintsha siyeke ukukhululeka kakhulu, sivuke sizithintithe sisebenzele ukwenza izinto ezibonakalayo,” kusho uNksz Ndlovu.