BONISWA MOHALE
KULINDELEKE ukuthi babe namanzi ahlanzekile kusasa abantu baseSikhaleni, nakwezinye izindawo ezingaphansi kukaMasipala uMhlathuze, okuqale unyaka bengenawo amanzi.
Isolezwe lithole ukuthi awu-15 ama-wadi angaphansi kukaMasipala uMhlathuze, akade engenawo amanzi ngenxa yokuthi bekunodizili emanzini aseCubhu Water Works.
UMnuz Xolani Ngwezi we-IFP uthe uMasipala uMhlathuze kufanele ulusukumele phezulu lolu daba ngoba akukuhle ukuthi abantu bangabi namanzi ahlanzekile.
Uthe abantu kufanele bawashe izandla njengoba kuneCovid-19 kodwa kufanele bayofuna amanzi ezindaweni ezikude nabo ngenxa yokuthi umasipala uyahluleka wukubanika amanzi.
Esitatimendeni esithunyelwe nguMnuz Mdu Ncalane obhekelele ezokuxhumana kuMasipala uMhlathuze, kuvele ukuthi udizili wangena emanzini ngoJanuwari 1.
Emuva kwalokho umasipala uye wahlola amanzi wacela abantu ukuthi bangawuphuzi kuze kube asekhucululwe udizili. Uthe abantu bebewathola amanzi ngoba umasipala ubuthumela amaloli awathwala amanzi.
Izindawo ezithikamezekile yilokishi laseSikhaleni, Mpembeni (KwaDube), Port Dunford (KwaMkhwanazi North), Niwe, Vulindlela, Felixton naseDlangezwa.
UNcalane uthe udizili usukhucululiwe emanzini kanti kulindeleke ukuthi abantu bathole amanzi ahlanzekile kusasa.
“Amanzi asekhuculiliwe, silindele ukuthi isimo sibuyele kwesijwayelekile ngoLwesihlanu (kusasa). Umasipala usuqale uphenyo lukuthola ukuthi wobani abagqekeze isikhungo samanzi bezama ukweba udizili osetshenziswa amagenerator ethu, ukuphampa amanzi uma kuphele ugesi. Kuzovulwa necala emaphoyiseni ukuze nawo akwazi ukwenza uphenyo lwawo,” kusho uNcalane.
Uthe uMnyango waManzi neNhlanzeko nawo uzothunyelelwa umbiko ngalolu daba ngoba nawo uwahlolile amanzi ukuthi asehlanzekile yini.
Kulindeleke ukuthi uphenyo lubheke nokuthi ukungcoliswa kwamanzi ngodizili kunamuphi umthelela empilweni yabantu.
Uthe asikho isigameko ababikelwe ngaso mhlawumbe esenzeke kubantu ngenxa yokungcola kwamanzi. Yonke imiphakathi ethintekayo izobikelwa ngokuqhubekayo ngamanzi.