AVUTHA engabaselwe amalungu omphakathi yaseCape Flats okujutshwe kuyo amasosha eSANDF ngenxa yokubhebhetheka kobugebengu nokubulawa kwabantu kule ndawo.
Abomphakathi bakhala ngokuthi amasosha kufana nokuthi adunguzela ebumnyameni ezitaladini njengoba kubukeka sengathi awazi ukuthi abambeni ayekeni.
Ilungu lomphakathi waseBonteheuwel, uHenriette Abrahams uthe sekuphele isonto kukhona amasosha kodwa awenzi mehluko ngoba abantu basabulawa.
U-Abrahams uthe kufana nokuthela amanzi emhlane wedada ukuhlala kwamasosha endaweni eyodwa amahora amabili amathathu bese eyesuka aye kwenye.
“Izigebengu ziyakwazi lokhu bese zihlela ngendlela, ziqhubeke nemisebenzi yazo yobugebengu,” kusho yena.
Uthe amasosho kumele abonakala asebenza amahora angu-24.
Usihlalo weCommunity Police Forum uSandy Schuter uthe wake wabona amasosha eStrandfontein, “kodwa ayengazi ukuthi ashonephi, ayedungazela ebumnyameni.”
“Babehamba namaphoyisa,okungewona awasendaweni okuyinto enhlem kodwa abayalelwanga kahle ngezindawo okumele babe kuzo,” kusho yena.
USchuter ubuze ukuthi ziphi izinhlelo zobunhloli zokulwa nobugebengu nodlame emphakathini. Uthe amasosha abonakala imizuzu engu-30 bese eyanyamalala.
“Ubani ohlela lento? Ngoba onke lawa masosha namaphoyisa abazi lutho. Angisoli bona, abayalelwanga kahle,” kusho yena.
Ungqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi eWestern Cape uMnuz Alber Fritz uveze ukuthi siphinde senyuka isibalo sababulewe eKapa uma siqhathaniswa nesangempelasonto edlule. Kule mpelasonto edlule eKapa kubulawe abantu abawu-46. UFritz uthe lokhu kuyinkomba yokuthi akumele kuthenjelwe kwiSANDF kuphela ekuxazululeni inkinga yobugebengu emphakathini.
Engxoxweni nephephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iDaily Voice, amaqembu ezigebengu eKapa aveza ukuthi ayakwamukela ukuba khona kwamasosha ngoba ngeke awuvimbe umsebenzi wawo futhi azokwehlisa nesibalo sokubulawa kwabantu abamsulwa.