BABONGWE besadla anhlamvana abesifazane abayisithupha bebandla lamaRoma Akhatholika ababe khona ngesikhathi kusungulwa umhlangano wamadodakazi ka-Anna Ocwebileyo iDaughters of St Anne Sodality, kwisiFundabhishobhi saseThekwini.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi leli bandla linendumezulu yenkonzo yokubungaza ukuphela kweminyaka engu-20 kwasungulwa lo mhlangano kwisiFundabhishobhi saseThekwini esenganyelwe ngu-Archbishop Mandla Mjwara.
Inkonzo ibikade iqhubeka eNtshongweni futhi ihanjelwe nanguyena uqobo u-Archbishop.
Abesifazane ababongiwe ngokuyibamba ishisa kusukela umhlangano usungulwa ngoNksz Thokozani Myeza, uNksz Stinky Dube, Nksz Busi Mbokazi, Nksz Khanyisile Jali, Nksz Lindiwe Mokoena noNksz Nonkululeko Hlengwa.
"Sithanda ukunibonga kakhulu ngokuthembeka kulo mhlangano kusukela uqala kuze kube yimanje. Kusho lukhulu ukuthi namanje nisakhona nisayibambile. Siyabonga kakhulu ngokuzinikela kwenu kulo mhlangano,'' kusho uMjwara ebhekise kubona.
Banikezwe izitifiketi bebongwa ngendima abayiklamile kulo mhlangano. Bagixatshezwe nangezipho ezinhlobonhlobo. Nabo bazwakalise okukhulu ukujabula ngokuthi babongwe besadla anhlamvana.
Lona ngumhlangano wabesifazane bebandla eliKhatholika abangashadile. Lo mcimbi ubuzinyaziswe ukuphuma ngobuningi kwabazalwane abaningi baleli bandla ebebevela ezingxenyeni ezahlukene zesiFundazwe seKwaZulu Natal.
UMengameli walo mhlangano, uNksz Nontobeko Dlamini naye ubabongelile laba besifazane ngebanga elide asebelihambile kusukela ubunjwa lo mhlangano.
Uthe bakhombisile ukuthi bazimisele kangakanani ngokuwusebenzela ngokuzikhandla nangokwethembeka umhlangano abawujoyina.