ISISHO esithi “uma kukhona uthando kukhona nendlela”, akuqondisiwe othandweni lomuntu wesilisa kuphela.
Lokhu kushiwo uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ngesikhathi kunomthandazo wabantu besifazane obuse-Newcastle.
Uthe lokhu kusho ukuthi lapho kunento oyithandayo uyakwazi ukufinyelela kuyona njengokufuna ulwazi ngebhizinisi noma yini ofisa ukuyenza. Abesifazane kumele benze njalo ukuze kubonakale ukuthi inqola iyahamba.
“Imicimbi noma izigcawu ezihlanganisa abantu besifazane ukuze bathole ulwazi ngokusungulwa kwamabhizinisi sekuze kube nomuzwa wokuthi azisebenzi ngoba akubonakali okwenziwa kuzo. Uma ngithi akubonakali, ngichaza ukuthi akukho okuwushintsho okubonakala kwenziwa ngabesifazane ngemuva kokulalela kulezo zigcwawu. Umuntu wesifazane kudingeka ukuthi asukume aye lapho kuthiwa kutholakala khona ulwazi. Kusukela ekhanseleni kuya phezulu,” kusho uNtuli.
UMphathiswa wezoLimo KwaZulu-Natal, uNkk Thembeni Madlopha- Mthethwa, obeyingxenye yalo mkhuleko, uthe abantu besifazane banezinselelo zasemisebenzini nezasekhaya okubenza bahlale benemithwalo esemahlombe yabo.
Uthe abanye babo bakwazi ukuthi bathi behlukumezekile emakhaya uma sebephumela kubantu bahleke
“Yize kunjalo sethenjiwe ukuthi singenza umehluko emphakathini wethu. Ukuze sikwazi ukuthi sibe namandla okufeza ukwethenjwa kwethu, sidinga ukuthi sibe nesikhathi sokuguqa ngedolo sithandaze ukuze sithole lawo mandla,” kusho uNkk Madlopha-Mthethwa.