ABESEKA uMntwana uSimakade kaZwelithini bathi uqhekeko lwaseNdlunkulu kaZulu ludalwa ngamabomu wuhulumeni ukuze ekugcineni ezothatha umhlaba wamakhosi owenganyelwe yiNgonyama Trust.
Lokhu bakusho embuthanweni obuseJewish Hall, eThekwini, izolo emini.
Laba bantu bathi isiqalo wukuthi kuxovwe indlunkulu njengoba kunamakhosi abathe mabili bese kulandela ukuthi kubhidlizwe ubukhosi bezizwe ezingaphansi kweMbube.
Baveze nokuthi kwakungowokujabulisa uhulumeni nosopolitiki umcimbi wokunikwa isitifiketi kweSilo uMisuzulu kaZwelithini owawusenkundleni iMoses Mabhida, eThekwini.
Bathi lokhu kufakazelwe wukungabikhona kwamakhosi, amazinyane eSilo nabanye ondlunkulu kulo mcimbi.
Basole uMengameli Cyril Ramaphosa ngokudala uqhekeko endlunkulu ngokuthi amemezele Isilo uMisuzulu njengeNgonyama ekubeni engayidalulelanga indlunkulu umphumela wophenyo ngombango wesihlalo owawujutshwe owayengundunankulu waseKZN, uMnuz Willies Mchunu.
Bathi kulolo phenyo indlunkulu yayikade iphakamise igama likaMntwana uSimakade ukuthi kube nguye ohlala esihlalweni sobukhosi kodwa uRamaphosa wenza ngenye indlela.
UMntwana uThembise wendlu yaseKuphileni ubeyingxenye yalo mbuthano. Uthe akakhulumeli indlunkulu kodwa ulethwa kulo mbuthano ukukhathazeka athe kubangelwa ukuxova ngamabomu okwenziwa wuhulumeni nosopolitiki.
UZulu uthe ngokwabo uMntwana uSimakade uyingonyama futhi nguye owangena kuqala esibayeni esigodlweni eNyokeni, KwaNongoma, lapho kwenzelwa khona yonke imikhosi yasendlunkulu.
“Lilengela eweni izwe lokhokho bethu abalifela. Sasingazi ukuthi uhulumeni angangena agamanxe kangaka endlunkulu, izwi layo alinyathele lingezwakali. Inkosi iphuma emndenini kodwa kusethusile uma sesitshelwa ukuthi ubani inkosi,” kusho uZulu.
Bekukhona noMntwana uThokozani noMntwana uMandlakapheli abebeyizimenywa kulo mbuthano ohanjelwe yidlanzana labantu.
Okhulumela indlunkulu, uMntwana uThulani, uthe ukuhlangana kwalaba bantu wubuhlungu bokuthi ayenzekanga into abebeyifuna yesihlalo.
Uthe manje sebezama izindlela zokuthi badonse amehlo abantu njengoba sebekhuluma ngezinto ezithinta izinhliziyo zabo.
“Bayabona into yesihlalo ayisebenzanga, manje bathinta zonke izinto ezingelona iqiniso ukuze abantu bakhulume,” kusho uMntwana uThulani.