UBUHOLI obusha be-ANC Youth League (ANCYL) buthi siphelile isikhathi sezaguga ePhalamende naseziShayamthetho.
Lobu buholi buthi buzolwela ukuthi u-50% wamalungu ePhalamende nezishayamthetho kube ngabantu abasha.
Lokhu kushiwo ngumengameli we-ANCYL, uMnuz Collen Malatji, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo, kulandela ukusongwa kwengqungquthela yokukhetha ubuholi balolu phiko.
“Siphelile isikhathi sokubukelwa phansi kwabantu abasha. Siphelile isikhathi sokuthi abantu abasha bancishwe izikhundla. Iphalamende akusiyona indawo yokugugela. Angeke sivume ukuthi intsha ibe ngaphansi kuka-50% ePhalamende nasezishayamthetho.
“Sifuna kusale u-50% wabantu abangasiyona intsha, khona bezosaluleka kodwa asifuni ukuthi babe yiningi. Asisho ukuthi sifuna bakhishwe bonke abantu abadala kodwa sithi sifuna intsha ibe yiningi. Yithina esiyikusasa lezwe. Yithina okufanele sihole izwe.”
UMalatji uthe bafuna ukuthi intsha inikezwe amathuba ezomnotho.
“Izingxoxo engqungqutheleni bezigxile kakhulu ekunikezweni kwabantu abasha amathuba omnotho. Sifuna ukukhunjulwa njengobuholi obakwazi ukunikeza abantu abasha amathuba omnotho.
“Iningi labantu abasha bakuleli baswele imisebenzi. Iningi labantu abasha bakuleli lizibandakanya ebugebengwini. Iningi labantu abasha bakuleli livaleleka ngaphandle emnothweni wakuleli. Lokhu sifuna ukukuguqula.”
UMalatji uthe akanalo uvalo lokuthi ukulwela inkululeko yezomnotho kungase kumdalele amazinyo abushelelezi njengoba kwenzeka kuMnuz Julius Malema, ngesikhathi esengumengameli we-ANCYL.
“Iqiniso wukuthi uMalema akazange axoshelwe ukulwela inkululeko yezomnotho kodwa waxoshelwa ukungezwa. Wayefuna ukuziphatha njengoba enza kwi-EFF. Njengamanje kwi-EFF kukhuluma yena kuphela, abanye abasho lutho.”
UMalatji ukuphikile ukuthi yena naqokwe nabo bafuna ukuba unobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, aqokelwe kwesikamengameli we-ANC engqungqutheleni elandelayo.
“Indaba yombango wezikhundla ayikaqalwa nokukhulunywa kwi-ANC. UMbalula usemusha esikhundleni sikanobhala-jikelele. Kusaphele izinyanga eziyisithupha kuphela eqokelwe kulesi sikhundla. Ingqungquthela elandelayo isekude kabi.”
Bese kunesikhathi eside i-ANCYL ingenabo ubuholi obukhethwe engqungqutheleni.
Ubuholi obusha buvumile ukuthi buhlalelwe umsebenzi omkhulu.
Iphini likamengameli we-ANCYL, uNksz Phumzile Mgcina, uthe bazojuba amalungu esigungu esiphezulu ukuba ayokwakha kabusha izinhlaka ze-ANCYL.
“Ezindaweni eziningi sisenenkinga yokuthi i-ANCYL isaholwa amathimba esikhashana yingakho kufanele sijube amalungu esigungu esiphezulu ukuba ayokwakha kabuhsa izinhlaka ezifundeni nasezifundazweni.”