IKOMITI elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwe-ANC selinxuse ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa anikwe isikhathi sokuthi acabangisise kahle ngaphambi kokwenza izinguquko kwiKhabhinethi.
Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe leli komiti belihlangene okokuqala selokhu laqokwa yisigungu esiphezulu emhlanganweni wangenyanga edlule. Uthe bayazi ukuthi abantu bajahe eyezinguquko kwiKhabhinethi yezwe.
“Yingakho lihlabe ikhwelo lokuthi uRamaphosa anikwe ithuba lokuthi ahlele kahle izinto ngaphambi kokwenza lezi zinguquko. Sifuna uhulumeni ozophendula ezinkingeni ezibhekene nezwe kanti sethemba ukuthi maduze uzomemezela.”
Leli komiti lisho lokhu nje, kubhekwe ngabomvu eyalezi zinguquko njengoba ngeledlule kufungiswe amalungu amasha e-ANC ePhalamende okubalwa nePhini likaMengameli we-ANC, uMnuz Paul Mashatile.
Phezu kokuphawula kwePhini likaMengameli wezwe, uMnuz David Mabuza, ngokuthi lisulile kulesi sikhundla kodwa liyaqhubeka nomsebenzi walo njengoba lithamele inkulumo kaRamaphosa ayeyibhekiswe ezweni ngeledlule, eKapa, kanti uMabuza uphinde waba yingxenye yenkulumompikiswayo eqhubekayo izolo.
Kulindeleke ukuthi uma uRamaphosa esememezela iKhabhinethi entsha, aqoke nongqongqoshe ozobhekana nogesi kuleli.
Wamemezela eyokuthi uzoqoka lo ngqongqoshe enkulumeni yakhe yangeledlule, wathi umsebenzi wakhe ukubhekana nale nkinga kuphela.
Kuhlukene imibono mayelana nalesi simemezelo njengoba amanye amaqembu aphikisayo eyichitha eyokunyintitheka kweKhabhinethi yakuleli engabe iyancishiswa.
UNkk Bhengu-Motsiri uthe lo nyaka kuzoba ngowokubhekelela izinkinga zomphakathi nokuvuselela i-ANC.
“Siyayeseka imizamo kahulumeni yokulungisa izinkinga ezithinta ukucinywa kukagesi kuleli. Kumele kusetshenzwe ngamandla ukuqeda ngale nkinga ehlukumeza umphakathi.”