INHLANGANO yabashayeli bamaloli, i-All Truck Drivers Forum and Allied South Africa (ATDFASA), ithi ngeke izibandakanye nombhikisho ohlelwe yi-EFF kusasa.
USekela Sihlalo wale nhlangano, uMnuz Mandla Mngomezulu, uthe bafuna ukukubeka kucace ukuthi kubona usuku lwakusasa luzobe lufana nje nezinye ezejwayelekile.
“Siyalela bonke abashayeli bamaloli ukuthi bavuke kusasa baye emsebenzini njengenjwayelo,” kusho uMngomezulu.
Uthe into abangeke bayivume ukuthi osopolitiki basebenzise abantu abangasebenzi ukufeza izinhloso zabo zepolitiki.
“Sifuna ukuzikhumbuza izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi labo sopolitiki abahlele umbhikisho yibo kanye laba abangenandaba nazo (izakhamuzi) kodwa abaqhakambisa izidingo zabokufika,” kusho uMngomezulu.
“Ngaleso sizathu ngeke seseke umbhikisho ongathi shu,” kuqhuba yena.
Kulindeleke ukuthi ababhikishi bankanise ezindaweni ezahlukene kuleli.
Ubuholi bamaphoyisa ezweni lonke bukubeke kwacaca ukuthi amaphoyisa azobe egcwele izinkalo, eqaphe ukuthi ababhikishi abephuli umthetho.