IPHINI likaNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, uNkk Nomalungelo Gina ligqugquzele abathengi ukuthi bazibhekisise izivumelwano abazisayinayo zokuthenga impahla.
UNkk Gina ubekhuluma emcimbini lokuqwashisa ngamalungelo abathengi iWorld Consumer Rights Day, obuseSun City, eNorth West.
Uthe kunenkinga yabathengi abavele bathenge ngoba beqhutshwa yimizwa, bakhohlwe wukubheka imigomo nemibandela yempahla abayithengayo.
Uveze ukuthi abanye yize bengasayini sivumelwano uma bethenga kodwa kabayibukisisi impahla abayithengayo, bavele bayiqukule baze bayibone ngokuhamba kwesikhathi inkinga.
“Kubalulekile ukuthi abantu bawazi amalungelo abo njengabathengi, bazibhekisise kahle izimpahla abazithengayo ukuze bangabi nenkinga uma sebefika emakhaya.
“Kufanele bazifundisise nezivumelwano abazisayinayo ukuze uma kwenzeka beba nenkinga bazi ukuthi bathathe ziphi izinyathelo,” kweluleka uNkk Gina.
UNksz Magauta Mphahlele weConsumer Goods and Services Ombud (CGSO), uthe usuku lwabathengi lubalulekile ngoba lukhumbuza abantu ngamalungelo abo.
Kule minyaka ewu-10 edlule, uthe sebexazulule izinkinga zabathengi eziwu-170 334 kanti konke lokhu bakwenza mahhala.
Ugathengi ukuthi bangathuli uma kukhona abephula amalungelo abo.
Uthe izinkinga zabaqugquzele abantu ukuthi bangathuli uma benezinkinga zabathengi ngoba ihhovisi lakhe liyakwazi ukungenelela ukuze abantu bathole ubulungiswa.
USihlalo weKwaZulu-Natal Consumer Tribunal, uSolwazi Bonke Dumisa udonse ngendlebe abathengi zingabikwa ehhovisi labo kuNksz Hloni Ngcobo bashayele ku-082 374 6660.