NGEKE babuyele emsebenzini bengawatholanga amabhonasi abo abasebenzi benkampani ekhiqiza izimoto iFord Motor Company South Africa.
NgoLwesine laba basebenzi abakwiNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) baqale isiteleka sabo esisemthethweni besola umqashi wabo ngokuba yigovu elidla lodwa.
Isiteleka siqale ngo-9 ekuseni ngaphandle kwamasango akwaFord, aseSilverton, ePitoli.
UMengameli weNumsa obebhikisha namalungu ale nyunyana, uMnuz Andrew Chirwa, uthe izikhulu zakwaFord azifuni ukudla nabasebenzi kodwa zijabulela ukubaxhaphaza.
Uveze ukuthi sekuphele iminyaka emibili bexoxisana neFord ukuthi uma yenze inzuzo icazele abasebenzi. Kungahlomuli izikhulu zodwa ngoba yizona ezithola amabhonasi ezizumbulu.
“Izikhulu zakwaFord azizwa, azifuni ukusilalela uma sizicela ukuthi zicazele abasebenzi inzuzo eyenziwa yinkampani. Le nkampani selokhu yenza inzuzo ngisho ngo-2021 ibiyenza kahle akukho okushintshile namanje izinto zihamba kahle kodwa ayifuni ukunika abasebenzi amabhonasi,” kusho uChirwa.
Uthe abasebenzi bazoteleka kuze kube umqashi uhlala phansi nenyunyana yabo ayitshele ukuthi uzoqala nini ukubacazela inzuzo.
Uthe inkampani ngabe ayenzi kahle ukube abasebenzi abazikhandli ngakho nabo bayadinga ukubongwa ngokusebenza kanzima njengoba kubongwa izikhulu.
“IFord ikhiqiza izimoto eziwu-720 ngosuku. Ikwazile ukutshala imali yokuthuthukisa ingqalasizinda kodwa iyahluleka wukubonga abasebenzi ngokuzikhandla kwabo,” kusho uChirwa.
IFord ithe isiteleka sizoba nomthelela omubi emnothweni wezwe njengoba itshale imali eningi ukuthuthukisa ingqalasizinda nabasebenzi bayo.
Iveze ukuthi lesi siteleka sizokwakha isithombe esibi ngokuqhuba ibhizinisi eNingizimu Afrika.
“Uma senza izinqumo zokuqhuba ibhizinisi nokutshala imali, sibheka ukuthi lapho sisebenza khona yindawo ekahle yokwenza ibhizinisi nokuthi umsebenzi awuphazamiseki,” kusho iFord esitatimendeni.
Ithe iyathemba ukuthi bonke abasebenzi bazobuyela emsebenzini maduze, yacela abangatelekile ukuthi bahlale emakhaya kuze kuphele isiteleka.