UMENGAMELI weNFP, uMnuz Ivan Barnes, unxuse amalungu eqembu angakayemukeli imiphumela yengqungquthela eyamkhetha njengomholi wale nhlangano eyasungulwa uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi, ukuba esale esethambisa izinhliziyo.
UBarnes ucele labo abangamfuni ngaphakathi eqenjini ukuba basale sebenzela uNkk kaMagwaza-Msibi, bamamukele.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula umqulu wezethembiso zokhetho oLundi, ngoMgqibelo. UBarnes waqokwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi beNFP eyayingoDisemba.
Amanye amalungu eNFP ayiduba ingqungquthela, kuphinde kube khona amalungu aphonsela inselelo imiphumela yayo eyayiseThekwini.
UBarnes uthe ufuna kube nobumbano kwiNFP.
“Ngifisa ukunxusa nokunxenxa labo abangekho lapha, abangalwamukeli ushintsho olwenzeka kwiNFP, abangakaphatheki kahle ukuthi uNtshona akasekho. Ushintsho lunzima. Kusenzima ukwamukela kwabanye abafowethu nodadewethu, abafuni ukwamukela ukuthi mina ndodana kaNtshona, imina esenginikezwe izintambo zokuphatha iqembu likaNtshona.
“Ngiyabacela lapho bekhona ukuthi noma ubuso bami bengabuthandi, phezu kobuso bami ababeke ubuso bukaNtshona, ukuze sizokwazi ukuqhubeka sikhulume ngazwi linye. Ngiyazi ukuthi kukhona lapho esibanyathele khona amakhona, ngicela bangixolele.”
UBarnes uthe basazoqhubeka nezimfundiso zikaNkk kaMagwaza-Msibi.
“Amalungu eNFP asenokudungazela, anokungakholelwa ukuthi sisawuphethe umgomo kaNtshona. Namhlanje ngizogcizelela ukuthi uNtshona wasemandulo, usenguye nanamhlanje. Izimfundiso zakhe siqala iNFP, yizo zona lezi engizogijima ngazo iNingizimu Afrika yonke. Angizile ukuzobulala izimfundiso zikaNtshona, angizile ukuzochitha izimfundiso zikaNtshona, kodwa ngizoziqhuba.”
Ethula umqulu wezethembiso onamaphuzu angu-15, uBarnes uthe bafuna ukuthuthukisa osomabhizini bakuleli abancane.
“Sengihambe emakhaya nasemalokishini, into engithusayo kunabafowethu nodadewethu bangaphandle abasidayisela ama-chips neziphuzo ezingekho emthethweni. Angazi ukuthi lezi zinto zingena kanjani la. Kukhombisa ukuthi kunobuthaka obukhona.
“Kodwa ke ukuthuthukisa osomabhizinisi abancane, kufanele sibaqeqeshe, sibanike noxhaso abaludingayo. Lokhu kuzothuthukisa umnotho wethu. Sizophinde sigqugquzele ukuthi osomabhizinisi abancane babambisane nezikole nomasipala.”
UBarnes uthe uma benqoba ukhetho bazoqeda inkinga yokusweleka kwamanzi.
UBarnes uthe iNingizimu Afrika inamanzi anele kodwa wakhala ngokuthi amadamu amaningi awekho ngaphansi kukahulumeni.
“Kwakuyini le yokuthi kuthiwe idamu elomuntu oyedwa ekubeni kunabantu abalala bephuze amanzi abawabanga nezilwane?”
UBarnes uthembise ukudala amathuba emisebenzi, ukulwa nenkohlakalo nokwenza ngcono ezokuthutha.