I-ANC ithi ucwaningo lweIPSOS 2018 luveza ukuthi abantu basayethemba i-ANC futhi basakholelwa ekutheni imele ikusasa labo.
Okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, uthe ucwaningo luveza ukuthi basekwa ngabantu abawu-60% wabavoti ezweni.
Luveza futhi isithombe esihle sokuthi abantu bayamethemba uMengameli Cyril Ramaphosa.
“Abavoti bakhuluma ngezinto ezithinta ukwehlukana enhlanganweni okuyinto ingqungquthela yaseNasrec eyasiyalela ukuthi siyisukumele. INational Working Committee neNational Executive Committee zizibophezele ekuvuseleleni inhlangano ukuthi ibumbane. Sihambele eNorth West ukuhlangana nezinhlaka ukuxazulula izinkinga zomndeni.”
Bafuna ukuqinisekisa abantu nabavoti ukuthi bazimisele ukulalela izikhalo zabo nokuthi bayababonga ngokuqhubeka baseke inhlangano.
Uqhube wathi bazoqhubeka bacubungule imiphumela yocwaningo.
Ucwaningo lwe-Ipsos, olukhishwe ngoLwesihlanu, luveza ukuthi kunalabo abangenathemba ngekusasa le-ANC.
Ucwaningo olwenziwe kusuka ngo-Ephreli 20 kuya kuJuni 7 kukhulunywa nabantu abawu-3 619.
Luthi uRamaphosa wenze kahle kakhulu selokhu aba nguMengameli wezwe kusuka ngoFebhuwari edlula owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
URamaphosa wesekwa ezifundazweni eziningi, kodwa kuthe ukwehla ukwesekwa kwakhe eWestern Cape, Eastern Cape naKwaZulu-Natal.
EMpumalanga wesekwa kakhulu uma uqhathanisa nephini lakhe, uMnuz David Mabuza, odabuka khona.
EWestern Cape umholi we-DA, uMnuz Mmusi Maimane, uyasondela kuRamaphosa uma kuziwa ngasekusekweni