UMKHUZI wamaPhoyisa kuleli ufuna bafele ejele abasuke bedonsa izigwebo zamacala okubulala amaphoyisa.
UGeneral Fannie Masemola ukusho lokhu eziNdlini zoMbuso ePitoli ngeSonto emcimbini wokukhumbula amaphoyisa abulewe esemsebenzini.
Kubulawe amaphoyisa awu-39 kusuka ngo-Ephreli 2023 kuya kuMashi 2024.
UMasemola uphonsele inselelo uzakwabo nongqongqoshe eMnyangweni wezokuHlunyeleliswa kweziMlilo uDkt Pieter Groenewald wathi kumele bacabangisise ngaphambi kokusayina ushwele onikezwa iziboshwa.
“Ngaphambi kokusayina ushwele, khumbula ubuso balezi ngane ezingesenababa namama ezidlule phambi kwenu. Sithemba ukuthi nizobagcina (ababulali) ingunaphakade ejele, okhiye nibalahle, bahlale baze bashone,” kusho uMasimola.
Udlulise amazwi enduduzo abeyibhekise emindenini yalamaphoyisa wathi bazoyeseka uma idinga usizo, okwayo ukuya emahhovisi okhomshana bamaphoyisa ezifundzweni.
UMasemola uchaze usuku lwesikhumbuzo njengolwenziwe izigebengu, wanxenxa umphakathi ulekele amaphoyisa ngolwazi ukuze kuliwe nobelelesi.
Unxuse amaphoyisa ahlale eqaphile futhi azivikele nesizwe.
Kwikota yokuqala yalo nyaka (Ephreli kuya kuJuni) sekubulawe amaphoyisa angu-21 esemsebenzini.