INHLANGANO yabashayeli bamaloli, i-All Truck Drivers Forum Allied South Afrika ihlele ukuba nemashi ngoLwesihlanu, ezobe iseBayhead Road Old Weighbridge, eThekwini, ihambisa uhlu lwezikhalo kwaTransnet.
Le nhlangano izomasha-nje ikhala ngokungenisa kwabokufika kule mboni nanokuthi iningi labo kalinazo izimvume zokuba kuleli.
UMnuz Richard Bhengu ongumhleli wemashi KwaZulu-Natal ekhuluma neSolezwe, uthe njengoba bemasha bakhala ngokungena kwabokufika echwebeni okuyingxenye enkulu yomnotho waseNingizimu Afrika.
"Njengoba sihambisa uhlu lwezikhalazo zethu, yindlela yokubonakalisa ukuhlonipha umthetho nanokuthi siyazi ukuthi i-Transnet kungalunga okuningi uma ingenza njengoba sifuna ukuthi wonke umuntu ongena echwebeni ngeloli abe nemvume yalo, imvume enemininingwane yakhe ephelele nanokuthi uqhamuka kuliphi izwe," kusho uBhengu.
Uthe kumele kwenziwe ngendlela efanayo njengakwamanye amachweba afana nelasePort Elizabeth (Gqeberha) njengoba bengasangeni abokufika.
"Amaloli akwazi ukungena yilawo aqhamuka emazweni awo futhi eshayelwa abokufika abasuka kulawo mazwe. Laba esisebenza nabo abaqashwa abomdabu waseNdiya, yibo esibhekana nabo ngqo ukuthi bengabe besakwazi ukungena ngale kwezimvume.
“Ezintweni esibhekana nazo ezingalungile ukuthi uma kunesivimbamgwaqo amaphoyisa ehlola ukuthi izimoto zikufanele yini ukuba sengwaqweni, bona bayabaleka amaloli bewashiye kanjalo."
"Engxenyeni yemashi yethu, simema wonke umuntu kungaba ungumshayeli weloli noma nabasesekayo ukuthi abaphume ngobuningi babo.
“Sizophinde sibanike nomnqamulamjuqu echwebeni wokuthi izimpendulo sizidinga nini. Uma behluleka ukwenza lokho kuyophoqeleka ukuthi sinyuse igiya lethu," usho kanje.