BAYAQHUBEKA nokulwela ukuthi baqashwe ngokugcwele wuMasipala weTheku, abebengabasebenzi ngaphansi kohlelo loMnyango wezeMisebenzi kaHulumeni olubizwa nge- Expanded Public Works Programme, abamiswe emva kokuthi kuthiwe izinkontileka zabo seziphelelwe yisikhathi.
Ngenyanga edlule umasipala wamemezela ukuthi ngeke zivuselelwe izinkontileka zabasebenza ngaphansi kwalolu hlelo abevile ku- 4000. Phakathi kwezizathu ezibekiwe, ukhala ngokuncishiswa kwemali yesibonelelo enikezwa umasipala wuMnyango wezeMisebenzi kaHulumeni ukuxhasa lolu hlelo, isuka R42 million nyakenye yabangu- R18.79 million kulo nyaka.
Umasipala ugcizelele ukuthi uzoqasha kuphela abangu-1 276 ukwenza lo msebenzi, waveza ukuthi kuzothathwa abasha kwazise abebevele besebenza sikhathi sabo, seminyaka emibili senkonteleka okwakuvunyelwene ngayo, sesiphelile kwabaningi.
UNobhala wenyunyana emele laba basebenzi, i-Municipal and Allied Trade Union of South Africa eThekwini (Matusa), uMnuz Xolani Maxhegu ekhuluma neSolezwe, uthe abakalilahli ithemba njengoba zisaqhubeka izingxoxo okuhloswe ngazo ukuthi laba basebenzi babuyiselwe emsebenzini baphinde baqashwe ngokugcwele.
“Lolu daba sesiludlulisele kwikhomishini ebhekelele izindaba ezithinta abasebenzi, i-Commission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA). Sizohlala nomqashi ngasekuqaleni kwenyanga ezayo ukuze sizwe izincomo zale khomishini. Emva kwalokho sizodlulela eNkantolo yezabaSebenzi ukuze inqume ngalolu daba,” usho kanje.
Uthe yize lolu hlelo kungolwesikhashana ngenhloso yokuthi kusinwe kudedelwane kodwa kunabasebenzi asebedonse iminyaka eminingi besebenza, osekwenze bangena shi ezikweletini kwazise bese bezitshelile ukuthi ngeke izinkontileka zabo zisamiswa.
Ezinkundleni zokuxhumana kuzungeza izwi eliqoshiwe okukholakala ukuthi ngelikaNobhala we-ANC esifundeni ITheku, uMnuz Musa Nciki, okuthiwa liqoshwe ngesikhathi ekhuluma nezithameli ePlayhouse ngeSonto, ngesikhathi kuhambele ikomiti elibhekelele ukusebenza kwale nhlangano kuzwelonke.
Kule nkulumo, uNciki usola laba basebenzi ngakubize ngokubumba inyunyana yabo i-Matusa, ngenhloso yokuthi ibalwele ukuze baqashwe ngokugcwele wumasipala. Uphinde aveze ukuthi emaqoqweni abo ku-WhatsApp lapho babelana khona ngezindaba, ngaphambi kokhetho babegqugquzelana ukuthi bengayivoteli le nhlangano, wanxusa iMeya entsha uMnuz Cyril Xaba ukuthi angagedluki kokwaqalwa nguMnuz Mxolisi Kaunda obeyimeya phambili ekutheni lolu hlelo luqalwe phansi.
UMaxhegu uthe inkulumo kaNciki inobudedengu njengoba inyunyana ingabunjwanga abasebenzi balolu hlelo, seyineminyaka eminingi ikhona futhi ivule izandla kuwona wonke umsebenzi nabangekho ngaphansi kwe-EPWP. Uthe bezikhona izinkulumo ezingehli kahle kubasebenzi njengoba iningi labo lisolwa ngokuthi lavotela i-MK ngokhetho olwedlule okukholakala ukuthi kungenye yezimbangela zokuxoshwa kwabo.