IMENENJA yakwa-Old Mutual KwaZulu-Natal inxuse amakhasimende ayo ukuthi angayilaxazi inkampani yomshwalense esanda kuba sematheni.
Ixolisile emndenini wakwaMtshali okudingeke ukuthi ufike uqiqinge isidumbu wasilaxaza emahhovisi alo mshwalense ngoba kukhona ababesakucubungula esicelweni sokuthi umndeni ukhokhelwe imali yokungcwaba.
Engxoxweni neSolezwe, uMnuz Mabuti Motau, uthe kwaba yishwa ukungakhokhelwa ngesikhathi kwekhasimende labo elalifake isicelo senkokhelo emahhovisi abo aKwaDukuza.
“Siyaxolisa emndenini wakwaMtshali okwawehlela akuyona indlela esiqhuba ngayo ibhizinisi lethu. Kwaba yiphutha ukungakhokhelwa kwawo ngesikhathi. Sithanda ukuqinisekisa amakhasimende ethu ukuthi siyazibophezela ekuwakhokheleni ngesikhathi uma efaka izicelo. Amakhasimende ethu amadala nawo angafakaza ukuthi siyinkampani ekhokha ngesikhathi,” kusho uMotau.
Inyakazise izwe lonke i-video egcwale izinkundla zokuxhumana ikhombisa ukulaxazwa kwesidumbu sikaMnuz Sifiso Justice Mtshali (46) emahhovisi akwa-Old Mutual ngeledlule.
Le video ikhombisa umshana kamufi uNksz Thandaza Mtshali (30) nobabekazi wakhe uNtombenhle Mhlongo (36) baseMadundube ngaphandle kwaKwaDukuza befika qathatha nesidumbu.
Bathi babenengwa ukugqigqiswa isikhathi eside yile nkampani bengazi ukuthi bazomngcwaba ngani uMtshali.
Bacasulwa kakhulu nangukuthi abakwa-Old Mutual bagcina sebethi abayozibolekela imali abazongcwaba ngayo ekubeni bebekhokha uR232 kamasingcwabisane nyanga zonke.
UMotau uqinise idolo amakhasimende ukuthi bakhokha ngesikhathi njengoba kunenkontileka ebabophezela ukuthi bakhokhe engakapheli amahora angu-48.
“Uma kunekhasimende elinokuthile elingenelisekile ngakho sicela ukuthi lize emahhovisi ethu. Sizimisele ukuxazulula zonke izinkinga abanazo,” kusho uMotau.
Ngeledlule le nkampani ithe yazama konke okusemandleni ukuphothula isicelo salo mndeni ngokushesha kodwa kwaba nesidingo sokuthi kucutshungulwe ngokwengeziwe.