ABAFUNDI baka-matric eMowat Park High, bazizwe bejabule emva kokubhala iphepha lokugcina, izolo.
Bathe yize bezikhona izingqinamba ekulungiseleni kwezivivinyo zabo zokuphela konyaka kodwa bazizwa benqobile.
U-Anele Gumede uthe usebenze ngokukhulu ukuzikhandla elungiselela izivivinyo zakhe, noma kade ekhona amanye amaphepha abethanda ukuba nzima kodwa uyazethemba ukuthi uzoba nemiphumela angaziqhenya ngayo.
“Iphepha lokugcina ngilibhale kahle, sikwazile ukuzilungiselela njengabafundi. Ngonyaka ozayo, ngifisa ukufundela ubudokotela eNyuvesi yaseCape Town. Kuyisifiso sami ukufeza leli phupho,” kusho u-Anele.
USiphumulile Khwela uthe bekungekho lula ukuba wumfundi ka-matric ngoba kwezinye zezikhathi bebebhala amaphepha amabili ngosuku, bebuya ekhaya bekhathele ekubeni kusamele bazilungiselele iphepha langakusasa.
“Ngathi kukhona umthwalo osukile emahlombe njengoba sengiqedile ukubhala. Ngijabule kakhulu nanokuqeda ukubhala ngephepha lesiZulu,” kusho uSiphumulile.
ULungelo Bayeni yena uthe othisha benze umsebenzi oncomekayo ngokubasiza bebuyekeza ngezivivinyo zabo, banethemba lokuphuma no-100% njengabafundi ebebemele iMowat Park kulo nyaka.
“Bekukhona nezinhlelo zokufunda, besingena ekuseni ngabo-8 ekuseni size siphume ebusuku. Besizimisele impela kodwa sesiyobona imiphumela ngoJanuwari ukuthi senze kanjani,” kubeka uLungelo.
ULulama Mzulwini uthe kumsebenzele ukuthi azinike isikhathi esanele sokufundela iphepha ayolibhala.
“Kuwona wonke amaphepha, ebelinzima bekuyiphepha leMaths Paper 2. Kodwa nginethemba lokuthi senze kahle.
Ezinhlelweni zami ngonyaka ozayo, ngifisa ukufundela i-IT Computer Sciences eNyuvesi yaKwaZulu-Natal,” usho kanje.