USEKHOMBE ngenjumbane abanye osonkontileka abaphakela izikole KwaZulu-Natal, ukuthi yibona ababambezela ukukhokhelwa ngesikhathi ngenxa yokuthi bafuna ukukhokhelwa imali yokudla abangakuhambisanga.
Lokhu kushiwo nguMphathiswa wezeMfundo esifundazweni uMnuz Sipho Hlomuka, othe ukuze ukhokhelwe kumele kube ngukuthi uhambise zonke izinto ezisuke zidingeka kuleso sikole.
UHlomuka uthe abaphakela izikole kumele baqinisekise ukuthi nakanjani lokhu okusuke kufuneka bayakuhambisa ukuze bakhokhelwe.
“Nike nizwe kuthiwa kukhona abaphakela izikole abangakhokheliwe, enye yezinkinga edala lokhu ukuthi abanye into abayihambise esikoleni ayihambisani. Uthola ukuthi ufuna ukukhokhelwa ukuthi uhambise amasi kodwa uthole ukuthi akazange awahambise. Uthishanhloko nalowo obhekele uhlelo lokudla esikoleni, kumele basayinele izinto ezifikile,” kusho uHlomuka.
Uthe uma ala uthishanhloko ukusayina, usonkontileka ugcina ehambisa i-invoice enezinto ezingaphelele bese engakhokhelwa, bese kuthiwa umnyango awukhokhi.
“Imali yokukhokhela ukudla ezikoleni, imali ehlale ikhona emnyangweni, asikwazi ukuyithinta senze ezinye izinto ngayo. Asikwazi ukuyithatha sithi siyokwakha izindlu zangasese ngayo, ngoba kuyicala.
“Uma umuntu engakhokheliwe, imali isuke ikhona kwi-akhawunti yomnyango ngoba asikwazi ukwenza ezinye izinto ngayo ngoba iyi-grant,” usho kanje.
Ukusho lokhu ekhuluma muva nje, emhlanganweni wekomiti lezeMfundo esiShayamthetho obuseDundee, ukuyohlwaya imibono ngezikhalazo zomphakathi ngaphambi kokuqala konyakamali omusha, ngo-Ephreli.
Abaphakela izikole bahlale bekhala mihla ngokungakhokhelwa ngesikhathi.
Inhlangano ebamele ize isabise ngokugodla amandla, ingakuhambisi ukudla ezikoleni ngoba umnyango ungakhokhile.
Umnyango uhlale ukhala ngenkinga yokuncishiswa kwesabelomali esenza ukuthi ungakwazi ukukhokha ngesikhathi
Ngisho kulo mhlangano abebehambele wona bebekhala ngenkinga yesabelomali, nokungafakwa kwezimali zezikole ngesikhathi okungama-norms and standards.
UHlomuka uvumile ukuthi eyokuncishiswa kwesabelomali kudala izinkinga emnyangweni.
Uvumile ukuthi imali yezikole abayifaki ngesikhathi ngoba kumele ngabe bayifaka kabili kodwa abayifaki kanjalo ngenxa yemali.
“Siyaxolisa ngendaba yama-norms and standards. Ngenxa yezinkinga zemali, asikwazi ukukhokha kabili, sinethemba ukuthi njengoba kuzothulwa isabelomali sikazwelonke ngungqongqoshe wezeziMali, ikhona imali ezofakwa noma singeke sikwazi ukubhekelela zonke izinkinga zomnyango,” kubeka uHlomuka.
Uthe bayezwa nokuthi abanye othishanhloko bathatha imali yabo bayisebenzise ezikoleni, into okungamele yenzeke.