ABEKOMITI elilwa nobugebengu eNanda nasezindaweni ezakhelene nayo, bathi akuwenzi umehluko ukuqothwa kwabasolwa ngobugebengu kule ndawo. Lokhu kulandela isigameko lapho amaphoyisa eqothe abasolwa abathathu kwathi oyedwa waphulukundlela wabaleka, okwezeke eCongo khona eNanda ngoLwesibili ebusuku.
Lesi sehlakalo sinconywe kakhulu ngabaningi ezinkundleni zokuxhumana abebenconcoza ngomsebenzi wamaphoyisa.
Yize kunjalo, ilungu lekomiti elilwa nobugebengu endaweni, iThekwini Neighbourhood Watch elicele kugodlwe igama lalo, engxoxweni neSolezwe lithe ukuqothwa kwalezi zigebengu kufana nokuthela amanzi emhlane wedada njengoba sanda isibalo sabesilisa abancane abajoyina iqembu ezigelekeqe elibizwa nge-West elihlalise lubhojozi umphakathi.
“Bevile ku-200 manje abafana abancane abajoyine leli qembu lemigulukudu. Ukubulawa kwabathathu engikholwa ukuthi bangamalungu aleli qembu elisihlalise kabi, akwenzi mehluko kunalokho kubenza babenolaka kakhulu ngoba uma kufe uzakwabo baphuma zinkalo zonke bantshontshe, babambe inkunzi bagqekeze ngenhloso yokuqoqa imali yokuthi bamngcwabe. Engakatholwa umholi waleli qembu, kusenzima kakhulu,” usho kanje
Uthe umholi weqembu cishe uneminyaka engu-21 kanti bazifikela mathupha emizini enezingane zabafana baphoqe abazali ukuthi zijoyine iqembu lakhe. Kukholakala ukuthi abafana banikezwa izibhamu abahlukumeza ngazo umphakathi kanti badayisa nezidakamizwa endaweni. Uthe umkhuba asebewuqalile, ukungena emizini yabantu babatshele ukuthi umuzi bayawudla ngenkani baxoshe abanikazi endlini.
“Sifisa ukuthi uhulumeni atshale amasosha ukulwa nalesi sihlava, ngoba kubukeka sengathi amaphoyisa ngeke aphumelele ukulwa naso engalekelelwa,” kuqhuba yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa afuna uthuli umsolwa oyedwa ophunyuke wabaleka ngesikhathi bedubulana nawo.
“Abasolwa bayamaniswa namacala okubulala iphoyisa uSergeant Yekani Siboniso Thabethe, elokubulawa kwababili bendawonye elenzeka khona eNanda ngoJanuwari, namanye amacala amabili okubulala. Ngaphambi kokuthi iphoyisa libulawe, kwathathwa isibhamu salo somsebenzi,” kusho uNetshiunda.