BADONSWE ngendlebe abazali, kwathiwa kabayeke ukuphakela izingane ukudla okungenamsoco.
Lokhu kwenzeka ngemva kwemiphumela yocwaningo lwe-South African National Health and Nutrition Examination eveza ukuthi u-13.5% wezingane ezineminyaka eyisithupha kuya kwewu-14, ukhuluphele ngokweqile.
Lokhu kusho ukuthi ingane eyodwa kweziwu-10 ikhuluphele kakhulu noma izimukile.
UDkt Monique Piderit oyidietician, uthe ucwaningo lukhombisa ngokusobala ukuthi izingane zikhuluphele ngokweqile futhi abazali kufanele bayilungise le nkinga.
“Kufanele siqale manje ukufundisa izingane ukuthi zikhethe ukudla okunomsoco. Izingane ezincane ezineminyaka eyisithupha kuya kwezina-14 zikhuluphele kakhulu. Yinto okufanele isikhathaze singabazali futhi sifundise nezingane ukuthi zikhethe ukudla okunomsoco,” kweluleka uDkt Piderit.
Kumanje uDkt Piderit usebenzisana nenkampani yokudla iB-well foods emkhankasweni wayo wokugqugquzela abantu ukuthi badle ukudla okunomsco.
Uthe ziningi izinto ezikhulaphalisa izingane wabale iziphuzo ezihlwahlwazayo, ezinoshukela, ukudla okunamafutha amaningi okubalwa amazambane athosiwe.
Lolu hlobo lokudla uthe yilona oluhamba phambili ekukhulaphaleni kwezingane.
UDkt Piderit udalule ukuthi ukungadlali nakho kuzikhuluphalisa ngokweqile izingane ngoba eziningi kazigijimi nasesikoleni.
Ubuye wakhala nangokungabikho kwemali okuyikona okwenza abazali bagcine sebethenga ukudla okunamafutha futhi okushibhile.
Uthe izingane zidla ngendlela okudla ngayo abazali bazo okusho ukuthi uma nabo bedla ukudla okungenamsoco, nazo zizothanda lokho kudla.
Ucele abazali ukuthi baphekele izingane amaveji, baziphe izithelo nokunye ukudla okunomsoco.
Ubagqugquzele ukuthi bapheke emakhaya bayeke ukuthenga ukudla osekuphekiwe ezitolo.
“Abazali kufanele benze isiqiniseko sokuthi abagcini nje ngokukhuluma nezingane ngokubaluleka kokudla okunomsoco kodwa bayazifundisa ukuthi kuphekwa kanjani. Izingane ikakhulu ezineminyaka eyisithupha kuya phezulu ziyakujabulela ukupheka ukudla nabazali bazo. Yileso sikhathi okufanele sisisebenzise ukuzifundisa ukuthi kwenziwa kanjani ukudla okunomsoco,” kuchaza uDkt Piderit.
Uthe umkhankaso weTaste Explorers wakwaB-well uzobasiza abazali ukuthi bapheke ukudla okumnandi, okunomsoco okuzojatshulelwa nayizingane. Uveze ukuthi izingane eziphekayo ziyakwazi ukukhetha ukudla okunomsoco uma ziqhathaniswa nalezo ezingapheki.
Ube esenika abazali amasu okupha izingane ukudla okunomsco:
1. Esikhaftinini sesikole abazali kufanele bafakele izingane inyama yenkukhu, ubhontshisi, amaqanda, iyogathi, ubisi namasi. Bangafaka isinkwa se-wholewheat, ama-cracker, nepasta. Akufanele bakhohlwe ukufaka izithelo okubalwa ama-aphula, ubhanana namanje azobanikeza umdlandla.
2.Bangafakelwa amashibusi anempilo okubalwa ama-aphula asikiwe, ukherothi, iyogathi enoshukela omncane noma engenawo nhlobo, izithelo eziphelele namakinati.
4. Ebusuku izingane kufanele zidle iprotein engenamafutha okungaba wufishi, amaveji, namasaladi ahlukene.
Ubalule ukuthi kufanele kufakwe amafutha anempilo, amakinati, ipeanut butter namayonaise engenawo amafutha amaningi.
Abafuna ukupheka ukudla okunomsoco bangavakashela iwebsite yakwaB-well ethi www.bwellfoods.co.za