IMBONI yezokugembula ilokhu ikhule njalo njengoba izibalo zakulo nyaka zikhomba ukuthi yenze inzuzo engaphezu kwa-R1 trillion emhlabeni wonke jikelele, okudalwe kakhulu wukuba lula kwezindlela zokugembula ngenxa yokuthuthuka kobuchwepheshe besimanje.
INingizimu Afrika nayo ayisalanga neze ngaphandle njengoba ibalwa namanye amazwe abe nomthelela omkhulu enzuzweni eyenziwa ngabemboni yokugembula emhlabeni ikakhulu ekubhejeleni ezemidlalo eyehlukene.
Isikhulu sophiko lwezokumaketha eBettabets, uNksz Mathabo Sekhonyana, sithe isikhathi samaholidi kaDisemba yilapho kwanda kakhulu izibalo zabantu abagembulayo ezweni.
Sithe izizathu zalokho ezinqala wukuthi abantu basuke benesikhathi esiningi ngamaholidi nokuthi njengoba abanye besuke bethole amabhonasi omholo, kwenza babe nomcabango wokuthi ukugembula kungaba yindlela elula yokwandisa umcebo.
Eqhuba, uthe ngokwezibalo zabo bathole ukuthi iLimpopo neMpumalanga yizona zifundazwe ezihamba phambili ngesibalo sabantu abagembulayo.
“Izibalo zethu zikhombisa ukuthi lesi sikhathi sithandwa kakhulu ngabantu abagembulayo kodwa futhi kusemqoka ukuxwayisa abantu ukuthi bagembule ngokuzicabangela. Nakuba kuyisikhathi sokujabula kodwa kuhle ukuthi umuntu azicabangele, angasebenzisi imali eningi entweni angenasiqiniseko ngayo,” kuxwayiswa uNksz Sekhonyana.
Nawa amathiphu ongakwenza ukugwema ngokuzicabangela:
– Beka eceleni imali ozogembula ngayo, ungedluli kuyona.
– Qaphela ama-website awumbombayi ukuze ungaqolwa imali yakho uma ugembula ngeselula.
– Yenza i-app yakho yasebhange idinge ukuthi uqinisekise kuyona ngaphambi kokuthi kube khona imali ephumayo.
– Gwema ukungena kuma-website ezinkampani ongazazi, ugxile kulezo ezaziwayo nezithenjwayo.
– Gwema ukugembula uphuzile ngoba utshwala bungakuthathisa izinqumo ezingaphusile.
– Qaphela ukujabula kakhulu uma usuwinile uphambi kwabantu abaningi ngoba kungakudonsela amehlo ezigebengu.
– Qonda ukuthi kwenziwa kanjani andukuba ufake imali yakho futhi gembula emdlalweni owuqondayo ukuze ungamoshi imali yakho ngento ongayazi kahle.
– Yamukela ukuthi ukwehlulwa kuyingxenye yomdlalo futhi ungazami ukubuyisa yonke imali ekulahlekele ngoba lokho kungenza ulahlekelwe wokukhona ngokungekho.
– Khokha umoya, ungavumeli ukugembula kuthathe injabulo okumele ube nayo ngamaholidi.
“Lesi yisikhathi sokujabula nomndeni wakho nabantu obathandayo ngakho gembula nje ngaleso sikhathi futhi hhayi ngemali eningi. Ungazami ukwenza ukugembula kube yindlela yakho yokuzama ukuxazulula izinkinga zemali,” kusho uNksz Sekhonyana.