UKUHLINZA nokuhlahlela isilwane kwaziwa njengento eyenziwa wumndeni futhi kungadingeki ukuthi uqashe umuntu ukuthi akwenzelwe.
Kwezinye izindawo, ukuhlaba, ukuhlinza nokuhlahlela isilwane kwenziwa ngabantu besilisa emndenini noma ngomakhelwane. Ngenxa yempucuzeko, imindeni nezihlobo sebehlala ngokuqhelelana, lokho sekuvamisile ukuthi kudale inkinga yokuthola umuntu ozohlinza isilwane.
UMnuz Sihle Mlaba (27), waseHammarsdale, uqhamuke nesisombululo kulabo abanezinkinga zokuhlinza nokupheka inyama, wasungula inkampani Abahlinzi i-The Slaughterers. Inkampani iyahlinza, ihlahlele, yosele izivakashi inyama, ipheke inyama, iqoqe izithebe uma sezidlile izivakashi.
Uthe kunemindeni engasenawo amadoda angahlinza ngenxa yezizathu eziningi kungaba ukuthi bashona noma abasangenelani.
"Kuleyo mindeni kuba nzima uma sekufike isikhathi sokuhlinza. Kulapho ibhizinisi lami lingena khona lixazulule inkinga. Okwamanje alikajwayeleki kodwa bakhona abalidingayo. Uma ngilikhangisa ezinkundleni zokuxhumana abanye abantu bayahleka, abanye bayagxeka kodwa bakhona ababona ukubaluleka kwalo, basiqashe," kusho uMlaba.
Uqhube wathi uma beqashiwe bayawudedela umndeni usihlabe isilwane sawo, okungaba imbuzi noma inkomo bese beyaqhubeka basebule, basihlahlele. Uma umndeni ufuna ukuthi bayipheke inyama bayakwenza lokho, basize nangokosela izivakashi inyama.
Uthe bafika namabhodwe, nezingqoko kanye nazo zonke izinsiza zokusebenza.
"Okunye esengikufakile kuleli bhizinisi ukusiza umndeni ngesikhathi usafuna isilwane ozosihlaba. Abanye abantu basuke bengazi nokuthi bazoqalaphi uma bebheka isilwane abazosihlaba nalapho siyasiza," kwengeza usomabhizinisi.
Ngokusho kukaMlaba, unamakhasimende amaningi ahlala esemalokishini.
Uthe uyazi ukuthi kwabanye kuyihlaya ukuthi ungaba nebhizinisi elinjengaleli kodwa impucuko nokuhlukana kwemindeni kuholele ekutheni kube khona abantu abangasenalo ulwazi lokuthi kuhlinzwa kanjani.
"Uma umuntu womndeni esesihlabile isilwane siyaqhubeka nokunye. Abanye bayakwazi kodwa basuke bematasatasa ngenxa yomsebenzi abanaso isikhathi sokuhliza, bahlahlele bosele nezivakashi bese beqasha thina sibenzele konke abakudingayo okuthinta inyama," kusonga uMlaba.