IMOTO: HYUNDAI EXTER
U-53% wezimoto ezincane (passenger cars) ezidayiswe kuleli ngamaSport Utility Vehicle (SUV) okanye ama-crossover.
Kwenza umqondo-ke ukuthi izinkampani zifune ukuba nezimoto ezingagadla ngazo ngoba yilapho imakethe ikhona.
Okunye wukuthi ucwaningo luveza ukuthi ukumelana nezindleko ngenye yezinto abantu abazibheka kakhulu uma bethenga imoto nezobuchwepheshe.
Yingakho kwaHyundai ngasekupheleni konyaka odlule, bethule iSUV encane i-Exter, engena ngaphansi kweVenue mgoba incane kunayo.
I-Exter ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyi-Premium, Executive, ne-Elite etholakala kuphela ngo-gearbox ozishintshayo oyi-AMT.
Esihamba ngayo yi-Executive.
Ngaphandle iphethe ama-daytime running light angamaLED amise okuka-H. Angaphezu kwama-headlight asasikwele ngezansi.
Inamarimu angu-15 inch abukekayo nokhakhayi oluwumbala ongafani nomzimba wemoto futhi olunama-roof rail yase ishiya igabade ngo-185mm okuphelelisa ukuba yiSUV kwayo encane. Ama-roof rail awawona umhlobiso ngoba ayakwazi ukuthwala isisindo esingu-70kg.
U-H okuma-daytime running light ngaphambili ukhona nangemuva.
Ngaphakathi ngiyibone ivuleke kahle konomndeni omncane. I-wheelbase yayo ingu-2.45m. Bekuhlaleka ngemuva kubagibeli abathathu yize inkinga kuwukumpintshana ngamahlombe. Amadolo awampintsheki kakhulu bese iba nesikhala esikhulu ekhanda.
Ngikuthandile ukuthi kunezimbobo zokukhipha umoya we-aircon ngemuva njengoba likhipha umkhovu etsheni nje kulezi zinsuku kodwa bakhohlwe yizimbobo zokushaja nge-USB. Isikhala sebhuthi sino- 290 wamalitha.
Ngaphambili yonke into isobala. Kune-touchscreen infotainment system engu-8 inch okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto futhi iveza ingemuva uma upaka.
Ngiyakuthanda ukuthi izimbobo zokushaja nge-USB zimbili okungeka-type c no-Type B.
Ngesikhathi ngihlala esihlalweni somshayeli kuvele kwaba lula ukukhululeka ngoba isihlalo uyakwazi ukusiphakamisa kanjalo nesiteringi.
Isiteringi sinabhathini okushintsha okubona kwi-instrument cluster njengomoya osemathayini okuyinto enhle, ukulawula umsakazo futhi usetha khona ne-cruise control.
Okunye enakho ngamawindi kagesi kanjalo nezibuko ezihlelwa ngogesi.
I-Exter ihamba ngenjini engu-1.2 litha kaphethroli enamandla angu-61kW ne-torque engu-114Nm. U-gearbox uyi-5 speed manual.
Bengingenankinga nendlela ehamba ngayo futhi isikhathi esiningi ngisichithe ngizulazula edolobheni. Cishe yilokho okwenze nendlela edla ngayo uphethroli ibe ngu-7.5l/100km yangasondela ku-5.7l/100km oshiwo kubo kwayo.
Ngicabanga ukuthi bekungaba kuhle ukuba bayenze yakwazi ukungahlehli uma usuka endaweni enyukelayo ngale kokudonsa i-handbrake, okuyinto ekuma-AMT kuphela.
Kwezokuphepha kodwa bayifake ama-airbag ayisithupha, Electronic Stability Programme, indawo yokufaka isihlalo sengane nokunye.
I-Exter izobanga abathengi neSuzuki Ignis, Nissan Magnite, Suzuki Fronx, Toyota Starlet Cross neRenault Magnite. Ngiyibona kuyimoto ongayibheka uma ufuna iSUV encane.
Intengo:
1.2 Executive manual- R289 900
Ifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km.