UKUNTULEKA kwamathuba emsebenzi kuyinto ekhungethe iNingizimu Afrika futhi kwenza intsha ibe nokhwantalala, ngisho ifunde yagogoda. UNksz Avuzwa Ngoma (30) waseMontclair, eThekwini kodwa odabuka kuTsolo e-Eastern Cape, akakuvumelanga ukushabalala kwephupho lakhe emkhakheni wezobuchwepheshe. Emuva kokwenza iziqu ze-Information Technology, eRichfield waswelwa umsebenzi waze wakhetha ukudayisa izikhwama, wenza inzuzo ka-R600 eyagcina isimbeka ezingeni losomabhizinisi abahlonishwayo. Namhlanje ungumnikazi weYoni Steaming, ephakela izinkampani ezinkulu eyakhe osomabhizinisi abancane.
Ngaphezu kwayo ungumnikazi wendawo yomnta kabani yokuzicwala, iBella Moon Spa & Beauty Clinic eseCity View eThekwini, esanda kumhlomulisa ngendondo yeSebenza Women Award emunxeni we-Inspiring Women. Lokhu sekwenze wavulela amathuba omsebenzi kwabesifazane abayisishiyagalolunye nabesilisa ababili. Abafundi bezikhungo ezahlukene, okubalwa nabaseDurban University of Technology, banohlelo lokuqeqeshelwa isipiliyoni endaweni yakhe.
"Ngaqala ngokwenza ucwaningo ngengane eyayinukubezwe ngokocansi, inenkinga ebuntwini bayo. Ngathola ukuthi noma amakhambi eYoni ekhona kodwa asebenza ngendlela efanayo. Ngacwaninga ngezithako zemvelo zokudla. Ngaqala ngathaka. Ngaphuma nokuhlukile. Ngakhethwa kuhlangene osomabhizinisi abahlukene ngoba ngiyazithakela. Selokhu ngaqala ukusebenzisana nenye yezinkampani ezinkulu, ngazitshela ukuthi kumele amabhizinisi ami abe nosizo kwabanye abesifazane," kusho uNksz Ngoma.
Ngaphandle kwamabhizinisi abaliwe, uNksz Ngoma unendawo esiza abantu abafuna ukwenza imicimbi esezingeni, okubalwa amaphathi, baby shower, bridal shower, imihlangano, imishado nokunye okuningi okuphathelene nemicimbi. Ngaphandle kwalo umatasa nezinhlelo zokuvula indawo yokudla kwesintu, eduze nendawo yakhe yokuzicwala. Lokhu uthe kuzolekela namanye amabhizinisi ukuze kungabi khona abasebenzi abagcina behlala ekhaya, ngenxa yokushoda komsebenzi.
Uthe zonke izinsuku uyazihlupha ngokwenza ucwaningo ngezinto ezahlukene ezizosimamisa ibhizinisi, ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi kabalahlekelwa wumsebenzi.
“Umsebenzi wokuzicwala kulula ukuwufundela, kodwa kunzima ukuwuthola okwenza abafundi abaningi bahlupheke neziqu. Yingakho kumele uma ulivula ungacabangi ukuthi lilula futhi linemali eningi. Ukuzithuthukisa ngolwazi ngenye yezinto ezakha lolu hlobo lwebhizinisi," kusho uNksz Ngoma.
Ephetha, uthe iningi lamakhambi nezithako azisebenzisa uma ethaka amakhambi eYoni ukulanda nakwamanye amazwe kodwa iphupho lakhe elikhulu wukuwatshala. Ucwaningo aselwenzile luveza ukuthi iNingizimu Afrika ikulungele ukuvundisa uhlobo lwamakhambi akhe. Uma engematasa nomsebenzi ukhonze ukufunda, ukucwaninga noma ahlale ekhaya acabange ngamasu okuzithuthukisa. Ukusabalala kwezinye izindawo ngezinye yezinto afisa ukuzenza, uma esekhule ngokwanele amabhizinisi akhe aseThekwini.