Umbuzo
MAGUMEDE, ngicela ukubuza angazi noma ngibona izinto ezingekho yini. Emsebenzini kunosisi esisebenza naye engisola sengathi uyangifuna. Into edala ngisho kanjalo wukuthi njalo ngesikhathi sokudla uyeza azohlala nami, kokunye angiphathele ukudla nami, sidle ndawonye. Ungixoxela yonke into eyenzeka empilweni yakhe, nomyeni wakhe. Ushadile usisi lo kodwa uthi akahleli kahle ngoba umyeni wakhe ushintsha amantombazane futhi akamhloniphi. Uthi akafuni ukubuyela kubo ngoba uzoba yinhlekisa kodwa ucabanga ukuzitholela isoka azozijabulisa nalo. Konke lokho ukuxoxela mina. Nangendlela angibuka ngayo ikhombisa ukuthi uyangifuna futhi ke nami sengize ngiyamthanda. Ngabe ngiyona yini uma ngicela ukuthi sizwane?
Impendulo
ANGITHI uyazi ukuthi akulungile ukulala nomfazi womuntu othelwe ngenyongo? Mbuze ukuthi wenziwa yini ukuthi angahlali phansi nomyeni wakhe amtshele ngokunganami kwakhe, uma ehlula noma okungcono abikele umndeni. Wena nje, ungazihlanganisi naleyo nto ngoba mhlazane nabanjwa nguwena oyosala nenkinga ugcine usujahwa wumyeni wakhe ekubeni kuwumfazi okuyengile. Mtshele ukuthi uyasaba ukubeka impilo yakho engozini. Uma ezizwa sengathi ufuna indoda azojabulisana nayo okungcono akabheke enye.