INHLANGANO yezempilo i-Affirnity Health ithi impilo isolimini njengoba kuyilona olucacisa ukuthi umuntu uphile kahle noma kukhona okumgulisayo.
Isikhulu esiphezulu se-Affirnity Health, uMnuz Murray Hewlett, sithe abelaphi bendabuko eChina bathi ulimu lucacisa kabanzi ngempilo yomuntu.
Uthe ulimu lomuntu ophile kahle lunombala o-pink, nezinto ezincane ezimhlophe ezibizwa nge-papillae.
Uveze ukuthi ukushintsha kombala, nendlela olubukeka ngayo ulimu kungasho ukuthi umuntu uyagula okungatheni noma kakhulu kuya ngokuthi lushintshe kangakanani.
Uma lushintshe umbala luphaphathekile lungasekho pink (Pale) kungenzeka ukuthi umuntu ushodelwa yi-iron no-vitamin B12, okudala isifo esibizwa nge-anaemia. Ukuphaphatheka kolimui lungabi pink kungasho nokuthi igazi lomuntu alihambi kahle emzimbeni.
Uma lunombala obomvu kungasho ukuthi umuntu ungenwa wumkhuhlane nezinye izifo. Lo mbala usho ukuthi umzimba uyashisa noma ushodelwa wu-vitamin B3, B12, folic acid nezinye izakhamzimba.
Ulimu oluluhlaza okwesibhakabhaka noma olunombala o-purple lungasho ukuthi umuntu usengcupheni yokuphathwa yisifo senhliziyo, unamafutha amaningi egazini noma unezinkinga zokuphefumula.
UHewlett uthe uma kubanda kakhulu kungenzeka ulimu lube purple kodwa kufanele umuntu aye kudokotela uma seluhlala lushintsha umbala.
Ulimu oluphuzi lubika i-jaundice ehlobene nokungasebenzi kahle kwesibindi. Lungasho nokuthi umuntu akawunakekeli kahle umlomo lapha kukhulunywa ngokuxubha nezinye izinto ezigcina umlomo uhlanzekile.
Ulimu olumnyama nolubukeka lunezinwele lusho ukuthi amaqhuzwana amancane abizwa nge-papillae asekhule kakhulu, agcina amagciwane. Lokhu kuvamise ukwenzeka kubantu ababhema kakhulu nabasebenzisa izinto zokuhlanza umlomo kakhulu nabaphuza njalo ama-antibiotics.
Ulimu olubukeka sengathi lunebalazwe okuyizisihla ezibomvu ezinomugqa omhlophe luvamise ukubika ukhwantalala noma ukungazwani nezinto ezithile okungabalwa kuzo nokudla (allergies) nokungasebenzi kahle kwama-hormone.
Qaphela lezi zinguquko:
-Uma ulimu lungenawo umbala omhlophe omncane kungenzeka ukuthi umuntu unezinkinga esiswini.
-Uma selomile kungasho ukuthi ushodelwa ngamanzi emzimbeni kanti olumanzi kakhulu lungasho inkinga yezinso.
-Ukuvuvukala kolimu umuntu aze alulume, lube nomaka bamazinyo emaceleni kungasho ukuthi ugcwele amanzi emzimbeni noma igazi lakhe alihlanzekile kahle (spleen health) noma udinga ukudla okunomsoco.
Yini okufanele uyenze uma ulimu lwakho lushintsha umbala?
- Qala ngokuhlanza kahle umlomo, uxubhe ugeze nolimu bese kuthi uma luqhubeka nokushintsha umbala uye kudokotela noma emtholampilo.
UHewlett uthe ezinye izinguquko azidingi udokotela kodwa zidinga udle ukudla okunomsoco.
Ukhumbuze abantu ukuthi ulimu luyisitho somzimba esibalulekile kodwa nalo luyadinga ukunakekelwa.
Uphethe ngokuthi abantu kufanele badle ukudla okunomsoco futhi baluhlanze njalo ulimu.