EMHLABENI lapho izinto ziguquka njalo, ukwenza umsebenzi owodwa sekuyinto ewumlando. Kubalulekile ukuthi uzazi kahle ukuze uqonde futhi uthathe izinqumo ezifanele ngekusasa lakho.
UDkt Tendani Netshilata ongudokotela wezengqondo esibhedlela i-Netcare Akeso Arcadia, uthe ukuzazi ukuthi ungubani, unabuphi ubuhlakani, ubuthakathaka bakho buhamba buphelelephi nokholelwa kukho, kuzokusiza ukwakha ubudlelwano obuhle nsuku zonke. Kuzokwenza nokuthi wazi ukuthi uma uzama umsebenzi oseceleni, kumele ugxile kwimiphi imikhakha.
“Indlela oyiyona ibalulekile ekwakheni ubudlelwano emsebenzini nasempulweni, kunomthelela endleleni esixhumana ngayo nabanye abantu nokuthi siwubuka kanjani umhlaba, sibamukela kanjani abanye abantu, sizixazulula kanjani izinkinga nokuthi simelana kanjani nengcindezi. Indlela esiyiyona inomthelela ekwenzeni imisebenzi,” kusho uDkt Netshilata.
Ubalule ukuthi ukuthuthuka kobuchwepheshe, isimo somnotho nokushintsha kwezinto emazweni ahlukene kushintsha imisebenzi efeselwa ngabantu. Ngokombiko wezemisebenzi we-World Economic Forum ka-2023, kuvela ukuthi u-40% wamakhono abasebenzi uzophazamisa ezobuchwepheshe ngo-2027, ngakho kufanele abantu bahlale befunda njalo.
Uthe ukuzazi ukuthi uwuhlobo olunjani kuzokusiza ukuthi wazi ngomsebenzi okufanele uwenze, ozokulethela injabulo.
“Wonke umuntu unezinto ezihlukile ngaye ezenza ukuthi aphile impilo ngendlela yakhe kusukela kwindlela abukeka ngayo, yizinto azithandayo, ezimugqugquzelayo, akholelwa kukho, yilokho akwazi ukukwenza, imizwa yakhe nendlela azibona ngayo. Lokhu kwenza umuntu ashintshe ngenxa yezinto adlula kuzo.”
Uthe abantu bahlukaniswa kaningi kodwa okujwayelekile yizinhlobo ezithathu okubalwa ama-introverts, extroverts nama-ambiverts.
Uchaze ama-introverts njengabantu abathanda ukuthula, abahlale becabanga, abathanda ukuhlala bodwana. Ama-extroverts, uthe ngabantu abathanda ukuba nabantu, abakuthola kulula ukuhamba nokuxhumana nabanye kanti ama-ambiverts aphakathi kwalezi zinhlobo zombili.
“Abantu abangama-extroverts basebenza kalula uma besebenza nabanye abantu noma benza umsebenzi othinta abantu. Ama-introverts wona athanda ukusebenza ngawodwana, imisebenzi edinga acabange kakhulu. Uma kuza kwezobudlelwano bothando, laba bantu bangathandana kodwa kwesinye isikhathi kungenzeka uthando lwabo lungaphumeleli.”
UDkt Netshilata uthe abantu bavamise ukuzithola benza imisebenzi engahambisana nendlela abayiyona noma babe sebudlelwano obungahambisani nabo. Lokhu uthe kuba nomthelela omubi engqondweni yabo ngakho ukuzazi kubalulekile.
Ucele abantu ukuthi baqaphele ngokwenza ama-quiz (imibuzo) kwi-internet okuthiwa azobatshela ukuthi bangabantu abanjani. Kunalokho uthe kufanele baye kubantu abawufundele lo msebenzi okungaba wodokotela bezengqondo nabanye abasuke befunde kabanzi ngabantu.
Uthe kuyenzeka ukuthi ngenxa yofuzo noma indlela umuntu akhule ngayo, indawo akhulele kuyo kanjalo nezimo zempilo, umuntu agcine esewuhlobo oluthile lomuntu (personality disorder).
“Ama-personality disorcer aba nomthelela omubi emsebenzini nasebudlelwaneni bezothando kuze kudingeke usizo lwezempilo. Lokhu akusho ukuthi abantu abane-personality disorder abakwazi ukuphumelela emisebenzini abayenzayo. I-personality disorder yenza kube nzima kumuntu onayo ukuthi alawule imizwa yakhe, kwenza kube nzima nokuba sebudlewaneni nabantu. Kuba nomthelela ekutheni umuntu uziphatha kanjani uma ebhekene nezikhathi ezinzima kulabo asebenza nabo nakwabathandiweyo bakhe.”
Uthe laba bantu bangasebenza kahle lapho kufanele basebenzise ubuciko noma izandla zabo, badinga umsebenzi osekanayo okulula ukwamukela abantu nezimo zabo. Ukuba nemigomo yokuthi yikuphi okwamukelekile nokungamukelekile, nokugwema izimo ezibenza bangahlaliseki, kubalulekile.
Ukunakekela ingqondo kubalulekile kubantu abanama-personality disorders ngoba yikona okubasiza baphile impilo emnandi.