UMA uhlala eNingizimu Afrika, kungenzeka ukuthi uDisemba yisikhathi osikhonze kakhulu onyakeni ngenxa yokuthi isimo sezulu siyavuma, kanjalo nobumnandi buqhuma phezulu.
Enye yezinto futhi ezijabulisa abantu kakhulu ngalesi sikhathi sonyaka wukuphuma kwamabhonasi omholo kwabasebenza ezinkampanini ezenza lokho, ukubonga abasebenzi bazo.
Nokho izazi zezomnotho zixwayisa abantu ngokuthi kukho konke lokho, babe mehlomane futhi baqaphele basebenzise imali yabo ngendlela enobunono, nengezukwenza ukuthi bazisole ngomuso.
UNkk Salem Nyati, isazi sophiko lwezomnotho wabathengi eMomentum Group, uxwayise abantu abazothola amabhonasi okuphela konyaka ukuthi bangajahi ukusheshe bawasebenzise ezintweni zokuzijabulisa, kepha bazinike isikhathi sokucabanga ukuthi bazowenzani, bangamoshi imali ngento engekho.
Umakadebona kwezokululeka ngemali e-Consult, uMnu Jurgen Eckmann, wengeze ngokuthi ukuze usebenzise ibhonasi yakho ngendlela efanele, kusemqoka ukuqinisekisa ukuthi uhlela kahle indlela ozosebenzisa imali yakho ngayo.
“Uma usuwenze lokho, bheka ukuthi ibhonasi yakho ingakusiza kanjani ukufeza izinhloso onazo ngemali yakho,” usho kanje.
Bobabili oNkk Nyati no-Eckmann bavumelane ngokuthi izindlela ezimbili ongazenza ukusiza ukuthi ibhonasi yakho ikusebenzele, wukuyisebenzisa ukukhokhela izikweletu zakho noma uyitshale.
“Ukungakhokhi izikweletu zakho kungenza ukuthi isikweletu sakho siqhubeke kunyuke inzalo yaso, okuzokwenza ukuthi ngenkathi usuzama ukusikhokha sikusinde ngenxa yokuthi awusiphuthumanga usenethuba nemali eningi. Inhloso enkulu wukuthi uphile impilo engenazikweletu ngoba izikweletu eziningi zikunqinda ukuthuthuka empilweni,” kusho uNkk Nyati.
“Okunye okuhle nokusiza ngokukhokhela izikweletu zakho kahle wukuthi kusiza ngokuzinzisa nokukhulisa i-credit scrore yakho, okuzokwenza ube sethubeni lokuthembeka uma usufuna ukuthenga impahla enkulu ngesikweletu,” usho kanje.
U-Eckmann uthe ngisho ungaba nezikweletu, kodwa lokho akukuvimbi ukuba nohlelo lokutshala imali. Uthe isibonelo salokho wukuthi mhlawumbe uma uhola u-R50 000 ngenyanga, bese uthola omunye u-R50 000 webhonasi ngoDisemba, ukuthatha ingxenye enkulu yaleyo bhonasi uyitshale emalini yakho yomhlalaphansi, kuzokwandisa imali ozoyithola uma usuthi khumu emsebenzini.
“Uma ungenaso isiqiniseko sokuthi wenzenjani, kungakusiza kakhulu ukucela iseluleko koyisazi nomeluleki wezezimali ozokucebisa ngokumele ukwenze,” kusho u-Eckmann.