AMABHULUKWE asondele emzimbeni kwabesifazane, yiwona asesitayeleni kwabesifazane futhi bambalwa abesifazane abangawathandi njengoba ebathaqaza kuvele ukuma kwemizimba yabo okwenza bazizwe kahle, kubuye nokuzthemba.
Kodwa ngebhadi lamabhulukwe nezinye izingubo ezima kanje, konobubi obungezokwehla kahle kwabesifazane.
Ongoti abenza ucwaningo enyuvesi yaseToronto, bathole ukuthi lolu hlobo lwesitayela lungenza owesifazane angabi bukhali kahle emqondweni.
Bathi bacwaninge abesifazane bathola ukuthi abagqoke izingubo ezingababambi bavuleleka kahle emqondweni, kwathi labo abagqoke okusondele kakhulu emizimbeni yabo baba nenselelo kulokhu.
Bathole nokuthi laba besifazane bezinto ezimpintshayo bakuthola kunzima ukuthatha izinqumo ezinqala nokubhekana nezinselela abasuke bebhekene nazo.
Bathi kucacile ukuthi uma abesifazane begqoke okubampintshayo, basuke benake kakhulu okwenzeka emizimbeni yabo kuze nzima ukunaka ezinye izinto abasuke bebhekene nazo ngaleso sikhathi.
Byakugcizelela ukuthi empeleni indlela umuntu agqoke ngayo iba nomthelela endleleni agcina ebuka ngayo izinto ngaleso sikhathi. Benze isibonelo ngowesifazane ogqoke ijazi elimhlophe eligqokwa wodokotela,bathi uma ehlolwa ukusebenza kobuchopho bakhe, uba nobuhlakani obedlulele.
Namadoda agqoka ngokuzimisela, aba ngosomabhizinisi abakhaliphile abakwazi nokuthatha izinqumo zamabhizinisi eziphusile. Lokhu kona kwavela ocwaningweni olwenziwa ngo-2014 yinyuvesi yaseYale.
Inhloso yokwenza lolu cwaningo bekuwukuhlola ukuthi mthelela muni oba khona endleleni abesifazane abacabanga ngayo uma begqoke ngendlela ethile.Bawu-80 abesifazane okwenziwe kubo lolu cwaningo. Bebeneminyaka engaphezu kuka18 no-35.
Lolu cwaningo lushicilelwe kwi-Psychonomic Bulletin & Review yakamuvanje.