UKUDLA okuthile kungaba nomthelela wokuthi ingane ibe nomdlandla omkhulu ongadingeki, ongagcina uyiphazamisa esikoleni okwaziwa nge-Attention Deficit Hyperactivity Disorder (ADHD).
Ongoti bokudla bathi ezinye izingane zisuke zivele zinomdlandla ophezulu kodwa kuyedlulela uma sezinikezwe ukudla okuthile. Okunye ukudla bathi kwenza ukuthi ingane ibhocobale, ibe nolaka ngoba kukhona izithako ezithile ezingezwani nayo.
Ukudla okwenziwe ngomkhiziqo yobisi
Ongoti abaningi bokudla bathi nakuba imikhiqizo enobisi kungeyona edala ukuthi ingane ibe ne-ADHD kodwa ukhona umthelela owenziwa yilokhu kudla ezinganeni.
Bathi ezinye izingane uma zidle imikhiqizo yobisi efana nobisi, iyoghurt noshizi ziyashintsha.
Izingane imizimba yazo engezwani nale mikhiqizo ongoti bathi ziba nomoya esiswini, zikhathale. Okunye okungenzeka ukuthi zibe nolaka, zikhathazeke bese zingasakwazi ukulalela lokho okufundwayo ekilasini.
Ukudla okunegluten
Ukudla okunegluten kungokunye kokudla okwenza ukuthi ezinye izingane zishintshe, zikhathazeke noma zibe nolaka. Igluten itholakala kukolo (wheat) kufulawa okusho okuthi ukudla okufana nesinkwa, icereal namacracker, okujwayele ukudliwa yizingane, kunegluten. Kwezinye izingane yenza ukuthi zibe nomdlandla. Ongoti bathi ikhona imikhiqizo efanayo engenayo igluten.
Ukudla okudayiwe kwaba mibalabala (artificial dyes)
Ongoti bathi odayi abajwayele ukufakwa koswidi nezinye izicoficofi ezigayiwe benza ukuthi izingane zibe nomfutho ongathandeki, zigxumagxume, zibange umsindo, zihleke okuphazamisayo.
Ngokujwayelekile labo dayi ongoti bezokudla bathi batholakala kuswidi, ijusi, ezidlweni zasekuseni nasekudleni okugayiwe. Kulabo dayi abavamise ukuba nemiphumela engemihle kujwayele ukuba iYellow 5, Yellow 6, Blue 1, neRed 40.
UDkt Kath Megaw, owudokotela wezingane obhekelele izinto ezizidlayo obuye abe ngumsunguli wokudla okuphekwa kuhlaliswe esiqandisini esinamandla, uthe okwamanje alukho ulwazi lwesayensi olukhomba ukuthi ukudla okuthile kwenza ukuthi kushintshe ukuziphatha kwezingane kodwa uyavuma ukuthi ukudla okuthile kwenza ingane iziphathe ngendlela ethile.
UDkt Megaw uthe: "Njengoba sazi ukuthi ukudla okuthile kungenza ukuthi izingane ziziphathe kahle noma kabi, kumele siqaphele ukuthi izingane zidla ukudla okuzokhulisa umqondo wazo, sizisize ukuze zikwazi ukuhlala zilalele, sigweme ukuzinika ukudla okuzozenza zigxumagxume zingasakwazi nokulalela.
Uqhube wathi ukudla okufana nobhontshisi, amaqanda, ushizi, inyama, amakinathi kunezakhamzimba ezibizwa ngamaprotein. Ingane ingakudla ekuseni ngaphambi okuthi iye esikoleni, ngesikhathi sekhefu esikoleni noma uma sesiphumile isikole.