Umengameli waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa uhlangane noMaxwell Chikumbutso oqhamuke nobuchwepheshe obusebenzisa amagagasi omoya (radio frequency) buphenduke umlilo ohambia izimoto nezithuthuthu.
Ngokwekhasi lezokuxhumana likaMengameli uMnangagwa, imikhiqizo yakhe izokwethulwa eZimbabwe ngoFebhuwari 10.
Kuthiwa uMnangagwa umuphe isikhathi yize esekhefini lapho efike wethula khona lobu buchwepheshe bakhe obusebenza nakuma-generator.
— Presidential Communications Zimbabwe 🇿🇼 (@DeptCommsZW) January 28, 2025
“Imoto iqanjwe ngokuthi yiSaith futhi yakhiwe ngokubambisana nenkampani yaseChina ekhiphe umzimba wemoto namanye amaphathi. Ihamba ibanga elingenamkhawulo futhi ijubane layo ligcina ku-220km/h. Ikwazi ukuzipaka nokuzishayela futhi ukuyakha kubiza u $14 000 (R261 380). Ziqalile izinhlelo eZimbabwe zokuvula ifemu yokukhiqiza izimoto ezisebenzisa lobu buchwepheshe,” kusho isitatimende.
Imoto yakhe ibukeka njengeKaiyi X3 Pro, okuyimoto yaseChina ehamba ngogesi. Ku-X ekhasini okungathi elikaChikumbutso kubhalwe ukuthi uyajabula ngokusebenzisana neKaiyi ekuqhamukeni nale moto iKaiyi Saith.
UMnangagwa umshayele ihlombe uChikumbutso ngobuchwepheshe athe abukaze bubonakale ndawo emhlabeni jikelele. Uthe ikhono elifana naleli kumele lisetshenziselwe ukuzuzisa izwe.