UKUMISWA kokudayiswa kukagwayi kwehlise isibalo seziguli eziphuthunyiswa ezibhedlela zidinga usizo oluphuthumayo lokwelashelwa izifo zamaphaphu ngo-63%.
Lolu cwaningo lwenziwe uMnyango wezeMpilo eWestern Cape nophiko olubhekele izimo eziphuthumayo nemindeni esibhedlela iGeorge Regional, ngokuqhathanisa isibalo seziguli ezivakashele kulesi sibhedlela zidinga usizo ngo-2019 nango-2020 ngesikhathi kuvaliwe ukudayiswa kukagwayi kuleli.
Omunye wabacwaningi, uNkk Piero Saieva, uthe lolu cwaningo lwenziwe kucutshungulwa imininingwano yeziguli ezivamise ukungena esibhedlela iGeorge Regional zidinga usizo oluphuthumayo lokwelashelwa isifo samaphaphu, i-Emergency Centre attendance for Chronic Obstructive Pulmonary Disease (COPD) phakathi kuka Januwari 2019 kuya ku-Agasti 2020.
Imiphumela yalolu cwaningo ishicilelwe emqingweni wezempilo i-African Journal of Primary Health Care & Family Medicine.
Abacwaningi bebeqhathanisa amakhadi eziguli agcinwe kumakhompyutha, ama- eletronic card, bebheka ukuthi ukuvakashela kweziguli ezibhedlela kuyefana yini.
I-COPD isifo samaphaphu esenza ukuthi umuntu akhwehlele ngendlela engelawuleki.
Uma ubhema ukukhwehlela kuvuka ngamandla ukhwehlele kuze kunciphe umoya ungakwazi ukuphefumula kahle, kudingeke ukuthi uphuthunyiswe esikhungweni sezempilo. Ngesikhathi kuvalwe ukudayiswa kukagwayi kuleli, abanye abantu bebengawutholi ugwayi okuholele ekutheni kunciphe ukuvakashela kwabo kulesi sibhedlela ngenxa yale nkinga.
INyuvesi yaseCape Town nayo yenze olwayo ucwaningo olusondelene nalolu, yona yathola ukuthi ngesikhathi kuvaliwe ukudayiswa kukagwayi kuleli, ababhemayo bebewuthola ugwayi kodwa ubudayisa ngemali enkulu.
Ngokwalolu cwaningo bekwenzeka ukuthi ibhokisi elinogwayi ongu-20 ebelidayiswa ngemali ephakathi kukaR25 kuya kuR45 ligcine selidayiswa ngoR144.
Ugwayi ngamunye ubudayiswa ngoR5.69c obekuholela ekutheni abanye babantu ababhemayo behlise ukubhema ngoba imali yokuwuthenga bebengenayo.
Lolu cwaningo lwenziwe kubantu abangu-12 118, u-42% wabo uzame ukuyeka ukubhema ngenxa yokubiza kukagwayi ngalesi sikhathi.
U-39%, uphumelele ukuwuyeka.
UDkt Sharon Nyatsanza weNational weCouncil Against Smoking, uthe lolu cwaningo luveza ngokusobala ukuthi kubalulekile ukulawulwa kokubhenywa kukagwayi ukuze abantu babe nempilo enhle.