USWELE amaphiko okundiza uDkt Thembelihle Angel Maziya (24) ophase ngamalengiso iziqu zakhe zeMBChB, eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, obekunguye yedwa owesifazane kwabawu-14 abanikwe lezi ziqu kulo nyaka.
UDkt Maziya odabuka eTjakastad, eMpumalanga uthi wanikela eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ukuzokwenza iziqu zobudokotela, yize kubo kwakungasebenzi muntu.
Emuva kokuphothula u-matric eHighveld Secondary, wanquma ukufundela ubudokotela ngoba uwumuntu othanda ukusiza umphakathi wangakubo.
Njengamanje le ntokazi isebenza esibhedlela iRob Ferreira esiseNelspruit, eMpumalanga kanti ijabule ngokuqeqeshelwa umsebenzi ngakubo.
“Bekungelula kodwa ngoba umndeni wami nabangani bebehlale bengigqugquzela, ngiye ngabambelela ngaze ngaqeda izifundo zami.
“Kumnandi ukuthola iziqu ngoba kungenza ngibone ukuthi ayikho into engenzeki uma usebenza ngokuzikhanda, ukholwa nakuNkulunkulu. Ngiyajabula nangokuthi ngiphase kahle,” kusho uMaziya.
Ubalule ukuthi yize evela emndenini oswele kodwa okumenze waphasa kahle wukuthi ubeyazi into ayifunayo, ehlale ezikhumbuza ukuthi kungani wakhetha ukuyokwenza iziqu zobudokotela.
“Ngiyizibulo labazali bami, ngiwumuntu wokuqala ekhaya ukuya enyuvesi. Abazali bami bobabili abasebenzi, bengazi ukuthi kufanele ngisebenze kanzima ukuze ngizoshintsha isimo sasekhaya.
“Umndeni wami yiwona obungigqugquzela ukuthi ngifunde kanzima ngoba bengifuna ukungasweli lutho kanti ngifuna nokubuyela eMpumalanga ukuze ngithuthukise impilo yabantu,” kuchaza uDkt Maziya.
Echaza ngemfihlo yakhe emenze waphasa ngamalengiso, uthe ukuzazi ukuthi ufunani, ukufunda yikona okumlethele imiphumela emihle.
“Ngiwumuntu oyaziyo into ayifunayo, bengizitholela izinsiza zokufunda, ngibheka nokuthi iyiphi indlela ezongisiza uma ngifunda. Bengilucela usizo uma ngiludinga.
“Bengizama nokuthola olunye ulwazi ngokuba yingxenye yabanye abafundayo. Bengibukela ama-video eYouTube nokunye okungangisiza,” esho.
Uveze ukuthi uyawuthanda kakhulu umkhakha wesayensi, ngakho uzoqhubeka nokufunda futhi aqinisekise ukuthi abantu bakuleli baphila isikhathi eside.
“Angiqedile ngalezi ziqu kodwa ngizimisele ukuqhubeka nokufunda ukuze ngibe wungoti kwezokubelethisa, ukwelapha izifo ezithinta abesifazane, ukuhlinza abantu nokunye okuzongikhulisa njengodokotela.
“Ngifuna ukusiza abantu ukuba baphile isikhathi eside futhi ngibe ngisiza nomndeni wami ukuthi uphile impilo ekahle, ungasweli lutho. Ngizimisele nokutshala imali kwezezindlu nokuba nebhizinisi lezokuthutha,” kuqhuba u uDkt Maziya.
Le ntokazi ekhonze ukubhukuda, ukutshala, i-bowling nokuvakasha, igqugquzela abantu abasha ngokufunda ngoba imfundo iyona ezobakhipha ebuphofini.