UKUHLALA uhambisana nesitayela esidlisayo ngalowo nyaka kuvamise ukungabi lula, ikakhulukazi uma usaqala, kubalulekile ukuzwa ukuthi ongoti bengqephu bathini.
I-jean iwuhlobo lwendwangu olwaziwayo ukuthi akulula ukuthi luphume esitayeleni. Abezemfashini baqagela ukuthi ngonyaka ozayo i-skinny jean sizobe sisagqokwa kodwa uhlobo lwe-jean oluzobe ludlisa kakhulu kuzobe kuyilolu olubukeka lulukhulu noma lungakulingana okhalweni kodwa lusuke luvulekile emilenzeni nasemathangeni.
Umsiki wengqephu uMansie Mkhwanazi we-Afrolicous, uthe lo nyaka uphela nje, abathandi bemfashini sebeqalile ukugqoka izimpahla ezibaxegayo okungaba yiwo ama-jean, o-two piece abavulekile kwesinye isikhathi bagqoke ijakhethi elula ngaphezulu nayo evulekile.
"Kuyenzeka ukuthi umuntu agqoke i-crop top kodwa uma uyibukisisa nayo iyaxega ngaphezulu. Leyo jakhethi isuke ingagqokelwe ukuthi kuyabanda kodwa isuke igqokwe ngoba iyingxenye yomswenko ohambisana nemfashini.
Inkundla yezokuxhumana, i-Pinterest, njengoba unyaka usuphela nayo ibhale uhla lwezinto eziyimfashini okulindeleke ukuthi zidle ubhedu ngonyaka ozayo.
Le nkundla yezokuxhumana ibibheka izimpahla zokugqoka, izinto zokuzicwala nezinto zasendlini zokuhlobisa nokunye okuningi.
Ngokwale nkundla, isitayela sokukama izinwele zishibilike esisuselwe ku-jelly fish kulindeleke ukuthi sibuye ngonyaka ozayo kanti ukugunda okuyizitayela nakho kulindeleke ukuthi kuphinde kuqhubeke ngonyaka ozayo.
"Abantu abasha ababizwa nga-2000 emazweni aphesheya ababizwa ngamaGen Z, kulindeleke ukuthi uma beziphophotha baphume ekusebenziseni imibala efana ncamashi nebala labo (natural). Kulindeleke ukuthi basebenzise i-make-up ekhangayo necwebezelayo. Laba abahlale befuna ukwenza izinto ezizolandelwa kubonakala sebeqalile ukusebenzisa ama-eyeliner aluhlaza okwesibhakabhaka asuselwa embaleni wolwandle ne-jelly fish. Ezinye izinto ezingase zibe khona ezisuselwa kuwo njalo u-jelly fish izigqoko, izambulela nezezinye izinto,“ kusho iPinterest.
UHannah Lee ongumcwali wezinzipho ucashunwe komunye umthombo wezindaba, ethi ulindele ukuba upholishi wezinzipho oluhlaza okwesibhakabhaka obukeka njenge-denim uthandwe kakhulu ngonyaka ozayo kakhulukazi ebusika.
"I-make-up enombala oluhlaza okwesibhakabhaka nayo kungenzeka siyibone ngonyaka ozayo kodwa ngeke kube into abantu abayisebenzisa zinsuku zonke, kuzoba into abayifaka uma beya emicimbini ethile, imihlobiso yabo esuke isuselwe olwandle," kusho yena.
Ezinye izimpahla okulindeleke ukuthi ziqhubeke zibe khona ngo-2024, yizingubo ezinezimbali.