ZIZOBA nolaka izinyoka njengoba sekunesikhathi eside kade zicashile ngenxa yokuthi bekumakhaza.
UMnuz Fortune Cobra Sibiya, ongumsunguli weSnake Farm efundisa abantu ngezinyoka, neKing Cobra Foundation esiza abalinyazwe yizinyoka, uthe izinyoka zibonakala kakhulu phakathi kukaNovemba no-Ephreli.
"Izinyoka eziningi uma kungena ubusika zidla kakhulu ukuze lokho kudla kuhlale emizimbeni yazo kuze kungene ihlobo. Njengoba sekuyintwasahlobo nje seziyebuza, zikhipha isikhumba sasebusika bese ziphumela ngaphandle kwemigodi noma kwezindawo ezifudumele ebezicashe kuzo. Zimbili izinto ezizikhiphela ngaphandle, ukuthi zilambile nokuthi yisikhathi sokuthi zizalane zande. Zisuke zinolaka yingakho kumele abantu bangaziphazamisi ngoba uma zike zazibona sengathi zisengozini ziyahlasela. Izinyoka azimhlaseli umuntu uma zingaziboni zisengozini. Lokhu esihlale sikuzwa kuthiwa kunezinyoka ezinkulu ezigwinya abantu, yinganekwane," kusho uCobra Sibiya
Uqhube wathi uma ubona inyoka isendlini, ungavimbi ngasemnyango ngoba uthi ufuna ukuyishaya ngoba uma kungenzeka iphutha iphunyuke isizoba yingozi.
"Uma sekwenzekile walunywa yinyoka, kumele uphuthume esibhedlela hhayi emtholampilo ngoba imitholampilo ayinayo imithi yokunqanda ukusabalala kobuthi benyoka emzimbeni. Inkinga esibhekene nayo manje ukuthi nakhona ezibhedlela kungenzeka ufike ingekho imithi ngoba iyashoda leyo eyelapha ubuthi bezinyoka, ama-anti-venom, kuleli nakuba isimo sesingcono kunasekuqaleni konyaka," kweluleka uCobra.
UMnuz Nick Evans, obamba izinyoka uma zitholakale emizini yabantu azibuyisele ezindaweni ezifanele, uthe maningi amathuba okuthi uthole inyoka ihleli ezintweni ojwayele ukuzisebenzisa ekhaya ngalesi sikhathi.
"Uma unendlu ehlala amathuluzi, qiniseka ukuthi uvala izimbobo nemifantu ngoba inyoka ingazitholela ikhaya. Hlanza igceke ngoba imfucuza ingaholela ekutheni kwande amagundane nezinambuzane eziwukudla kwezinyoka. Enye into abantu okumele bayiqaphele amanabukeni asetshenziswa alahlwe, uma uwalahla egcekeni adonsa izinambuzane ezidliwa ngamaxoxo, amaxoxo adliwa yizinyoka. Kungcono uwambele umgodi uwalahle kuwo," kweluleka uNick Evans.
Uqhube wathi imithi etholakala ezitolo, okuthiwa ixosha izinyoka, kasikho isiqiniseko sokuthi iyazixosha ngempela.
"Leyo mithi iyefana nezitshalo ezitshalwa ngabantu bethi zixosha izinyoka obuye uthole izinyoka zihleli kuzo," kusho uNick..
USibiya wengeze ngokuthi: "Uma ungumlimi kumele uthenge izinto zokusebenza okungamadadla namagilavu aqinile avimbela amazinyo enyoka angafinyeleli esikhumbeni uma kwenzeka ikuluma ngesikhathi usebenza engadini. Izitshalo zasengadini ezifana namaklabishi, amathanga nezinye zivamile ukucasha izinyoka ngakho kumele uqaphele uma uzitshalile," kuxwayisa Sibiya.
U-Evans uthe izibhedlela ongaya kuzo uma ulunywe yinyoka eThekwini, yiR K Khan, Inkosi Albert Luthuli Central, i-Addington, iSt Augustine, Ethekwini Heart Centre, iBusamed neVictoria esoThongathi.