UKUHLOBISA emicimbini kulezi zinsuku sekushintshe kakhulu, sekuvame ukubonakala kunekhosomba elinosofa, imobile bar okusuke kwenziwa kuyo ama-cocktail nokunye.
UMnuz Funa Khumalo, wenkampani ehlela imicimbi i-Afritalia Events, uthe izinga lokuhlobisa selinyuke kakhulu futhi lihambisana nozitayela ezintsha.
"Njengamanje sekumele iphakethe lakho lithi ukuqumba uma uzoba nomcimbi futhi uzimisele ngento ecokeme, ezokugculisa. Yize izihlalo zepulastiki zisekhona kodwa uma wenza umcimbi kulesi sikhathi samanje akulula ukuthi ukhethe zona ngoba ngezakudala. Hhayi ngoba kukhona okubi ngazo kodwa ushintsho luqhutshwa ukuthi abanebhizinisi bafuna ukukhombisa ikhono labo kanti abanemicimbi bona basuke befuna into ecokeme ukuze beneliseke," kusho yena.
Uthe isitayela sokuba nekhosomba elinosofa, elihlelelwe abangathandi ukuhlala ematafuleni, sekunesikhashana sikhona kodwa manje kungenise osofa abayi-velvet nezihlalo ezenziwe ngoqalo ezingathi ziyisintu noma ngabe umshado omhlophe.
"Labo sofa kuhlala kubo izicukuthwane ezikhethekile, ama-VIP. Kuba kuhle kakhulu uma eduze kwale ndawo kune-mobile bar. Inhloso yayo ukuthi umuntu ohambele umcimbi azibone esendaweni yokungcebeleka ongayifanisa nelifestyle, umehluko ukuthi okwethu ukubeka ngalelo langa lomcimbi ubuye ukuthathe. Siyabheka kakhulu ukuthi kulezi zindawo zokungcebeleka isitayela sinjani," kusho yena.
UNksz Nokukhanya Msani, weBrightness Catering, uthe kuningi okushintshile kuhlanganisa izihlalo zasematafuleni, amatafula, ama-chafing dish, ama-chandelier akhanyisayo, amatende nendlela imibala ehlanganiswa ngayo.
"Izihlalo ezisetshenziswayo manje ama-phoenix, ama-padded chairs, ama-wimbledon chairs kanti amatafula asetshenziswayo manje akusewona lawa adinga ukuthi ufake izindwangu njengakuqala, sekusebenza ayingilazi, ayi-vanish namanye angadingi ukumbozwa ngendwangu. Amatende sekusebenza ama-strech tent nama-frame tent okwazi ukubona ngaphakathi ube ungaphandle, lokho kwenza ukuthi ukhiphe lonke ikhono uma uhlobisa kanti indwangu lapha ayisasebenzi kakhulu ngoba usuke ufuna ukuthi kuvele uphahla lwetende lungambozeki.
Uqhube wathi uma uhlobisa ematafuleni, imibala ayisaxutshwa kakhulu njengakuqala, sekufakwa ama-napkin akhombisa ukuthi umbala wosuku unjani.
"Ukwenyuka kwezinga kusho ukwenyuka kwemali. Njengoba selinyukile izinga akuselula ukuthi ungahlobisela umuntu ngemali engaphansi kukaR10 000, okunye kuyafika kuR50 000 kudlule kuye ngokuthi umnikazi womcimbi ufunani futhi uhlelela abantu abangaki,“ kusho yena.
UKhumalo uthe uma usheshe wasibamba isitayela esifikayo udla kahle ngoba abantu bayayithanda into enhle futhi esezingeni eliphezulu.
“Kumele uthi ulandela lesi sitayela ube ubheka ukuthi kwamanye amazwe benzani, uzame ukuqhamuka nento entsha,” kusho uKhumalo.
UNksz Msani uthe into eyenza ukuthi kubize ukuthi izinto ezintsha ziyabiza kanti nobuchule obusetshenziswayo busuke busezingeni eliphezulu.
“Thina esikuleli bhizinisi kwesinye isikhathi nathi siyaqasha ngoba ugcina uphelelwe indawo yokuzibeka izimpahla,” kusho uNksz Msani.