IZIKOLE zasemakhaya noma zisasalele ngentuthuko kodwa eziningi kuningi esezikuzuzile kodwa eMveloyamaswazi Primary, eNhlungwane, oLundi, usizi nokweswela, yimpilo yansuku zonke.
Ngesikhathi kukikizwa kwezinye izikole kufika amakhompuytha, izinqolobane zolwazi nokunye, kothisha, abafundi nabazali bezingane ezifunda kulesi sikole, kusuke kuqhathwa usizi ngenxa yezingqinamba ababhekene nazo.
Into yokuqala ekwenza uzibonele nje ukuthi isimo sibi nangaphambi kokuthi ufinyelele kulesi sikole esisekugcineni nemizi, ukuthi akukho ngisho ibhodi elikhombisa ukuthi sikhona.
Akugcini lapho, indlela ebheke phansi kuso kayigculisi neze futhi ayikhombisi ukuthi kukhona abantu ozofike ubafice khona. Noma usuqhamukele kusona, uzibonela izindonga nje kuphela. Akukho ngisho okuyibhodi elinamekwe esangweni noma odongeni lwesikole.
Kwezinye izikole uyaye ufice noma imoto kathishomkhulu egcekeni kodwa eMveloyamaswazi akukho ngisho ibhayisekile likanogada ngenxa yobubha obukhungethe le ndawo. Abantu bendawo basahamba amabanga amade ukufinyelela kuso.
Akugcini lapho, uthishanhloko uyafundisa, abambe imihlangano ekilasini eliphinde libe yikhishi lokupheka kanjalo nendlu kanogada.
Leli phephandaba lithole ukuthi kunothisha abathathu okubalwa nothishanhloko, abafundi abawu-62, nabazali abavolontiya ngokwenza eminye imsebenzi.
Okukhathaza othisha nabazali ukuthi kubanzima ukuthi uhulumeni asifake ngaphansi kwezinhlelo ezingasithuthukisa isikole ngenxa yesibalo sabafundi esincane, kunalokho uhlongoza ukusivala nokuyinto abazali abangafisi yenzeke.
Omunye wabazali, uNksz Nkosingiphile Mbambo, uthe iningi labazali kule ndawo kalisebenzi, alinayo imali yokuhambisa izingane ezikoleni ezikude ngoba kumele zigibele, ngakho bayaphoqheleka ukuzifaka eMveloyamaswazi yize benganelisekile ngezinsiza zesikole.
Echaza ngomlando walesi sikole, uthe kwaqala kuphahlekwa ngodaka kwaze kwangenelela ilungu lomphakathi ngo-1996, labakhela amakilasi. Kusuke lapho abazali nothisha bebambisene, bafaka iminikelo njengoba kuyisikole esingakhokhisi abafundi imali yokufunda.
UNkk Jabu Makhunga onguthishanhloko uthe izibalo njengoba ziphansi bayazi ukuthi kungaphezu kwamandla omnyango kodwa bazivulile izandla nakwizinhlangano ezizimele ezingasiza kanjalo nomasipala.
"Sike sacela iminikelo noxhaso ngombhalo wesikole kodwa besingakasizakali. Sifisa noma ngabe yimuphi umuntu ongathanda ukulula isandla, asisize. Umnyango uyakuletha ukudla, usizamele nephoyisa lasemini kodwa kalinayo indlu yokugada kanti nasebusuku kugada abazali njengoba singenaye unogada wasebusuku," kusho uNkk Makhunga
Usihlalo wesigungu sabazali, uMnuz Ndondo Mncube, uveze ukuthi kuyimanje uswele ithoshi lokugada ngenxa yesimo sezezimali nezinsiza abashoda ngazo.
"Abazali babecelwe ukuthi banikele ngoR200 ingane ngayodwa ngonyaka kodwa nakho kunzima kwabanye, abakhokhi ngoba kabasebenzi. Kugcine kunzima ukubhekelela isikole nemali ebincane enikelwe ngabanye abazali iphele kungakapheli unyaka. Sicela nanoma ngubani ongasiza asiphonsele lokho anakho," kusho uMncube.