ININGI labantu besilisa alivamile ngokuzikhathaza kakhulu ngezinguquko ezenzeka emzimbeni njengokukhuluphala, ukuzehlisa isisindo somzimba, indlela obukeka ngayo okubalwa nosayizi wezimpahla zokugqoka.
Uma kuthuke kwakhona okukhuthalele, kuba namagama ayiziswana njengokuthi wenza izinto zabesimame.
Ongoti bezempilo bathi kumele nakanjani nabesilisa bazikhathaze ngezinguquko ezenzeka emzimbeni yabo ngoba zingaba yizimpawu zokunyonyobelwa wukugula okuthize noma izinkinga zezempilo nje jikelele.
Kulezo zinkinga kungaba izimpawu zokuhlaselwa okubizwa nge-Andropause efana nse neMenopause ehlasela abesifazane.
I-Andropause yisigaba lapho owesilisa ehlelwa khona wumdlandla wezinto eziningi ngesikhathi esisodwa. Lokhu imvamisa kwenza abesilisa abasanda kuhlanganisa iminyaka ewu-30 nangaphezulu.
Ongoti baveza ukuthi ngesikhathi kwehla izinga lehomoni elibizwa ngeTestosterone, kuthinteka okunye okubizwa ngeHypothalamus okuyingxenye yezicubu zengqondo ezibhekelele ukulawula ukushisa nokubanda emzimbeni wakho. Kungenza kube nokudideka okuholela ekutheni kungabe kusalawuleka kahle ukushisa nokuphola komzimba wakho.
Isikhulu esiphezulu (CEO) kwa-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett uveza ukuthi ezinye zezimpawu zalesi sifo azinakwenza neminyaka yomuntu kodwa kumele uhlobo lwempilo oyiphilayo lukulekelele ukugcina umzimba wakho unempilo.
"Ukukhuluphala, ushukela, umphimbo nengcindezi yengqondo ngezinye zezimpawu ezivame kwabesilisa abasuke sebehlaselwa i-Andropause. Uma kukhona ongakuboni kahle noma okusolayo, zisukumele uyothola usizo lwezempilo," kusho uHewlett.
Ongoti bathi ukudla izinto ezinempilo, ukuphuza amanzi, ukuzivocavoca nokuhlala uvakashela odokotela nasemtholampilo kungakusiza ukugwena i-Andropause.
Izimpawu ezijwayelekile ongaziqaphela uma usuqalwa yi-Andropause:
-Ingcindezi yengqondo ngenye yezinkomba zokuthi ususenkingeni, uhleka manje, udinwe, uphatheke kabi noma kube khona okukudinayo kungonakele lutho.
-Ukukhathala yize kuyinto eyenza wonke umuntu kodwa kowesilisa kugadla kuzwele.
-Umdlandla wocansi uya ngokuncipha kube nzima ngisho ukululangazelela.
-Ukhohlwa kalula, ingqondo yakho ithatha kade noma wenza into ungakwazi ukubhekana nayo ngqo, ugcine ungasazi nokuthi bewuhlele ukwenzani.
-Ubuthongo bukubamba isikhashana bese uyaqwasha ebusuku noma kube nzima nokuzumeka uma sekushaye isikhathi sokungena embhedeni.
-Ukushisa komzimba esikhaleni ube nesifuthufuthu nokuyinto evame kwabesifazane uma bengena kwi-monopause, nakwabesilisa kuyenzeka kulesi sigaba.
-Amalungu omzimba ayakhathala ahlale ebuhlungu yilapho okusuke sekwehle ngamandla itestosterone nokufanele idlale indima enkulu ukugcina amalungu omzimba enempilo.
-Indlela okuhluma ngayo izinwele zakho iyashintsha, ziqothuke noma ziphephezele kuvele isikhumba phansi. Uma kungenjalo uzobona sezikhula ngamandla emadlebeni nasemakhaleni.
-Izicubu zomzimba ziyazwela zikhathale ngokweqile kube nzima nokwenza izinto ezizodinga ube nomdlandla usebenzise izikhwepha.