OWAYENGUMDLALI webhola lombhoxo uyaqhubeka nokutakula imiphakathi eyahlukeni kuleli naseZimbabwe, ngenhlangano yakhe iThe Beast Foundation.
NgoLwesibili, uTendai The Beast Mtawarira umeme abezindaba, izikole, izinhlangano ezahlukene nabaxhasi emcimbi obusePencil Club, eMhlanga lapho ethule khona umkhankaso omusha wenhlangano yakhe.
Umkhankaso obizwa nge-Lead Like a Girl wenzelwe ukutakula abafundi bamantombazane asebephuma ezikoleni zamabanga aphansi bebheke emabangeni aphakeme.
Ngokubambisana nezinhlangano iMbeleko Foundation, The Amathuba Foundation, Mondi South Africa neHigherlife Foundation Zimbabwe kuthathwe abafundi abangu-15 ezifundazweni iKwaZulu-Natal eGauteng eNingizimu Afrika, eHarare naseBulawayo eZimbabwe.
Kuthiwa laba bafundi bakhethwe ngobuhlakani babo kwezemfundo, ezemidlalo nezobuciko futhi abanesidingo sokusizakala ngemali.
Usihlalo weThe Beast Foundation, uTendai Mtawarira uthe: “I-Lead Like a Girl imele umzamo wokuthuthukisa abesifazane abasebasha nokugqugquzela ushintsho oluhle emiphakathini enganakiwe e-Afrika.
Ngokuqeqesha, ngemifundaze, izinhlelo zokucathulisa ngosizo lwabesifazane abaphumelele nokusungulwa kwenethiwekhi eqinile yezifundiswa, umgomo wethu ngeLead Like a Girl ucacile.”
“Ubhekela ukwesekwa okungantengantengi, ukuqeqeshwa okuphelele, nemfundo esezingeni eliphezulu emantombazaneni asemancane. Sihlose ukubakhulisa babe ngabaholi abanamandla bakusasa, sibanikeze amandla okuqondisa isizukulwane samantombazane asemancane njengoba ezakhela ezawo izindlela ezihlukile,” kuqhubeka yena.
Emcimbini, Isolezwe lixoxe nabazali ababili abaqhamuka endaweni yaKwaNyuswa, entshonalanga yeTheku. Laba bazali okunguNksz Nonhlanhla Mbatha noNksz Millicent Blose bahlomulile ohlelweni, amadodakazi abo athathwa esikoleni iWembley College eMgungundlovana.
“Sithokoze kakhulu ukuba yingxenye yalolu hlelo nengxenye yalo mcimbi. Izingane zethu zithole ithuba ngosizo lwenhlangano Imbeleko Foundation ekhona lapha KwaNyuswa.
Siwafisela okuhle kodwa amadodakazi ethu. Sengathi angaqhubeka njalo ngokuzimisela ezifundweni zawo njengoba ebenza esekhaya,” kusho omunye wabesifazane.