KUBALULEKILE ukufundisa umfana ukuthi abe ngumholi wempilo yakhe.
UNksz Zonke Hlongwane, ongumsunguli wenhlangano eluleka ngokukhuliswa kwezingane Ikusasa Ngelami, uthe njengoba ngeSonto obaba bezobe benikezwa izipho ezinhlobonhlobo yena ukhethe ukuhlanganisa obaba namadodana abo esigcawini sokucobelelana ngolwazi eThekwini.
Kulesi sigcawu obaba bazokhuluma nabafana ngokuba ngabaholi, ukubhekana nengcindezi yontanga, nokuthi bayihlela kanjani imigomo abazoyilandela empilweni.
"Njengomama, nomuntu osebenza nezingane ngiyazi ukuthi uma ingane ike yathola ulwazi olungelona kuqala, akuphinde kulunge empilweni yayo. Ngiyazi ukuthi ezweni esiphila kulo abazali bamatasatsa bagcina sebephenduke abantu abakhuzayo uma sekunento engahambi kahle eyenziwe yingane. Kufanele baqale bahlale phansi nezingane baxoxe kungakonakali lutho. Abafana banesikhathi lapho kumele ukhulume nabo, ukuze bazi ukuthi bangaholi bempilo yabo ngaphambi kokuthi bahole ezinye izinto. Uma umfana efunde lokho kuqala wazi ukuthi ukuzihola yena kuqala uzokwazi ukuthi aqale ngokuqeda esikoleni, angazitholi esebhema izidakamizwa noma esengene kwezinye izinto ezingalungile ngoba efuna abangani," kusho uNkk Hlongwane.
Kulesi sisigcawu esizobe sihanjelwe ngabafana abaneminyaka ewu-10 kuya kwengu-18, uNkk Hlongwane uthe kunabafana abaningi abakhuliswa ngomama kuphela.
Omuye ozobe ekhuluma esigcawini nguMnuz Ntokozo Biyela, ungumbhali wencwadi iMindsetshift futhi ungumnikazi wenkampani iMindsetshift Consulting. Inhloso yencwadi ukufundisa bantu abasha ukuze bakwazi ukushintsha umqondo wabo benze izinto ezinhle.
UBiyela okhuliswe ngumama kuphela ngenxa yokuthi abazali bakhe behlukanisa umshado esemncane, uze wahlangana noyise esefunda esikoleni samabanga aphezulu.
"Abafana bahlale bechomelana ngezinto eziningi nokuthi obaba babo babenzelani. Ukubonakala uhamba nobaba wakho kuyinto enkulu ebafaneni. Okunye okukwenza uzizwe uphelele ngalesi sikhathi ukubiza isibongo sikababa wakho hhayi esakomalume. Ngizokhuluma nabafana mayelana nokuthi wenza njani uma uzithola usesimeni sokuthi ubaba wakho angabi seduze nokuthi sivaleka kanjani isikhathi esilahlekile uma usuhlangana nobaba usumdala," kuchaza uBiyela.
UNkk Hlongwane, uthe okunye okungeke kusale ngaphandle udaba lokuziphatha kabi kwabafana ngoba bezitshela ukuthi bangamasoka.
"Ukuziphatha kahle akukhona okwentombazane kuphela nomfana kumele angayi ocansini (budedengu) nabesifazane ngoba uma eseshadile kuzomdalela izinkinga. Uyogcina eseqhathanisa umkakhe nenqwaba yamantombazane ake aya nawo ecansini. Kunzima kumuntu wesifazane ukwenelisa indoda enjalo. Lokho kuyawubhidliza umshado," kusho uNkk Hlongwane.