Bathi okokuqala abantu okufanele bakuqonde wukuthi la maqembu akusiwo awamakholwa.
‘IPOLITIKI ngumdlalo ongcolile’.
Le yinkulumo ejwayelekile echaza umkhakha wezombusazwe njengowamaqola kanti nabo osopolitiki balokhu behluleke njalo ukugeza igama labo nokwenza abantu abaningi bayingabaze eyokudlelana kwezenkolo nepolitki.
Yize kunjalo kodwa bakhona osopolitiki abachumile enhlanganweni ebusa iNingizimu Afrika, ababizwa ngabefundisi njengoPastor Vusi Dube noRev Frank Chikane nabanye.
Kuphinde kube khona namaqembu ezombusazwe akhelwe esisekelweni sezenkolo kuleli okungabalwa kuwo i-African Christian Democratic Party (ACDP) kanjalo ne-United Christian Democratic Party (UCDP).
Emizameni yokucacisa ngobudlelwano bezenkolo nepolitiki, Isolezwe ngoMgqibelo lixoxe noMnuz Muzi Hlophe ongumdidiyeli wezinhlelo ze-UCDP KwaZulu-Natal.
UHlophe uthi okokuqala abantu okufanele bakuqonde wukuthi la maqembu akusiwo awamakholwa.
“Isici esingesilo iqiniso esinikwa amaqembu anjenge-UCDP wukuthi abantu bathathe ngokuthi awamakholwa,” kusho uHlophe.
“Eqinisweni akunjalo kodwa ingqikithi ilele emagameni athi ‘cristian democracy’ nasho ukuthi sisebenza ngezinkambiso nemigomo yebhayibheli.
“Lokho kodwa akusho ukuthi yinhlangano yamakholwa le ngoba bavumelekile nabangakholwa kodwa indlela yabo yokuziphatha ehambisanayo nemiyalelo yebhayibheli.”
UHlophe uthe njangamanje leli qembu balivusa naseKZN futhi uneqholo lokuthi le nhlangano izongena eSishayamthetho nasePhalamende ngemuva kokhetho luka2024.
“Ngo-2024 sizobe sesikhuluma ngokuthi esifundazweni sinamalunga angaphezu kuka-30 000,” kusho uHlophe.
“Kuyimanje sikhuluma ngo-10 000. Kusukela ngiqalile kulesi sikhundla esifundazweni, sesizakhile izinhlaka zesikhashana ezinobuholi bamagatsha abesifazane nentsha ezifundeni eziningi esifundazweni.”
I-UCDP isungulwe ngo-1997, iqalwa nguLucas Mangope, owayengumholi wabaTswana eBophuthatshwana esiyaziwa ngeNorth West.
Iqembu ulihole iminyaka engu-15 kodwa yena udlule emhlabeni ngo-2018 eseneminyaka engu-94 ubudala.
Ngo-1999 nango-2004 i-UCDP bekuyiyo iqembu eliphikisayo futhi lidlisela ogageni i-African National Congress eNorth West, okuyiyo inhlangano ephethe kuleli kusuka ngo-1994.
Njengamanje leli qembu liholwa nguDesmond Sehume kusuka ngo-2019.