SIPHELILE isikhathi sokuxoxa ngezinkinga zabesifazane emakhoneni njengoba ethembisa ukuthi zizobhekwa ngeso elibanzi yiRise Mzansi.
UNkk Nonkululeko Hlongwane-Mhlongo (37) ophakanyiselwe kwesokuba wuNdunankulu KwaZulu-Natal ngaphansi kweRise Mzansi, uthi izinkinga zabesifazane zihlangene nezezwe jikelele zizoxazululwa njengezinye.
“Abantu besifazane nabasha bathwele kanzima. Kuyishwa ukuthi ubuso bomuntu omnyama wesifazane busahlanganiswa nobuphofu. Ngiwumuntu olwela amalungelo abesifazane, ofuna wonke umuntu abe nempilo ende, enesithunzi nomsebenzi obuyisa isithunzi,” kuchaza uNkk Hlongwane-Mhlongo.
Le ntokazi ekhulele oLundi, Newlands, Woodlands esizinze oThongathi, ineminyaka ewu-12 isebenzela umphakathi, ifundisa ngentando yabantu.
Utshele Isolezwe ukuthi ipolitiki iyona eyakhetha yena njengoba iRise Mzansi yasungulwa emuva kokhukhulelangoqo womhlangano wezinhlangano zomphakathi.
“Njengoba siyinhlangano ezinze emphakathini, siziqonda kabanzi izinkinga zabo bonke abantu. Siyazi ukuthi abesifazane bahola uR2 500 futhi kufanele bagibele kuleyo mali.
“Bashiya izingane zabo ezinkulisa, okusho ukuthi imali abayisebenzayo igcina ingakwazi ukwenza izidingo zabo. Sifuna ukunyusa isibonelelo sabantwana sibe wuR1 650. Izinkulisa zithole uxhaso olwanele ukuze zivulwe ngo-6 ekuseni zivale ngo-6 ntambama,” kusho uNkk Hlongwane-Mhlongo.
Uthe bafuna ukuthi amathuba omsebenzi abe seduze nabantu kungabikhona abazali abaphoqeleka ukushiya izinkinga ukuze bathole imisebenzi eholela kangcono.
Ubalule ukuthi bafuna kube noxhaso losomabhizinisi abancane nalabo abadayisa emgwaqweni okugcwele kubo abesifazane.
Uthe ngisho benemicimbi bathenga izithelo nokudla kubadayisi basemgwaqweni ngoba bakholelwa ekufukuleni abantu kuwo wonke amazinga.
Ebuzwa ukuthi akasabi yini ukuba kwipolitiki yaKwaZulu-Natal edume ngokuba nodlame njengomuntu wesifazane, uthe akakaze azizwe enokwesaba ukusebenzela umphakathi, kodwa yiwona umphakathi omesabelayo.
“Ukwesaba kwenza ungakhululeki ukuhambela umphakathi kuwo wonke amazinga. Angisabi ukuhambela abantu ngoba ngifuna ukubalethela izisombululo lapho bekhona, ngikhulume nabo umlomo nomlomo,” kusho yena.
Uveze ukuthi baba nezithangami ezahlukene zokuhlomisa umphakathi ngolwazi namakhono okuphila.
Uthe bazimisele ukwakha imiphakathi ephephile baqede udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Wathi kufanele kube nezinkantolo ezibhekelele amacala odlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, awokubulala nobunye ubugebengu.
Uthe imiphakathi kufanele izithathele izinqumo zokuthi abenzeki ubugebengu emigwaqweni ehlala kuyo.
Ugqugquzele abesifazane ukuthi basukume bakhethe abaholi abasha abazokwenza umehluko.