INKAKHA yomlingisi esineminyaka iyibambile kwezokungcebeleka, iveze ukuthi ike yabhubhudla imali yaze yadlelwa umuzi nemoto.
UBaby Cele uthi lokhu okwamenza akafisi kwehlele abalingisi bamanje.
Umlingisi olingisi kuZalo kuSABC1, ubekhuluma emcimbini obuhlelwe wumsakazi woKhozi FM, uDudu Khoza, iDinner with Dudu obuseCoastlands Hotel eMhlanga.
“Abantu abazi ukuthi sengake ngadlelwa umuzi nemoto ngenxa yokungabi nayo imali. Okuhle ukuthi ngakwazi ukuvuka ngizicoshe. Sasiyibulala imali kwiSarafina ngama 80’s. Sasihola 500 dollars ngesonto.
“Imali sayibhubhudla sithenga izimpahla ezibizayo kungathi sidla zona," kusho uBaby.
Inhloso yalo mcimbi bekuwukuhlanganisa abasendimeni yezokungcebeleka ukuze kuhlonyiswane ngolwazi, kukhulunywe nangezinselelo.
UBaby benoMinnie Dlamini-Jones, bebegxile esihlokweni sezinselelo zezezimali ezikhungethe abesemkhakheni wezokungcebeleka.
“Izingane ezisencane kulo mkhakha zingavumi ukudlala abantu abafuna ukulala nazo ukuze zithole imisebenzi. Uzwe kuthiwa uBaby usemdala sifuna abantu abasebancane, ngoba nakhu kwesinye isikhathi befuna ukudlala ngezingane," kusho uBaby.
Uthe kunzima kwezikaqedisizungu kodwa ufuna abalandela kuyena befunde ngamaphutha awenza.
UMinnie uvumelene noBaby ukuthi indaba yemali iyinselelo kule ndima.
“Ngikhuluma nje angikwazi ukuthenga umuzi ngesikweletu ngenxa yokuthi ibhange lithi angiqashwe ndawo. Bathi imali ingena ngendlela engafani. Kwenye inyanga imali iningi kokunye kuyazibhedela. Okubalulekile nesengakufunda wukuthi uma imali iningi, ungayibhubhudli uthengana nezikhwama ezibizayo bese uyakhohlwa ukuthi kusasa izophela," kusho uMinnie.
UMinnie uthe ukusekwa wumndeni wakhe yikhona okwenza akwazi ukubhekana nezinselelo eziningi ezikulo khakha.
Kulo mcimbi bekunezikhulumi ezihlabahlosile okubalwa kuzo uLinda Bukhosini, Mphrofethi Nomusa Dhlomo, Sindi Mabaso-Koyana nabanye. Kwababenandisa bekukhona uKholeka, DJ Happy Girl, Khanyo Mkhize nabanye.
Bekungokwesibili uDudu ehlanganise abesifazane ngale ndlela.
UDudu uthe ufuna ngonyaka ozayo ukhuphukele kwelinye izinga lo mcimbi obuwubukhazikhazi.