UKUQONDA ukuthi kuyisimo esibuhlungu kangakanani ukubeletha umntwana eseshonile, kwenze wazihlupha ngokuthi angenzani ukucebisa abanye abantu besifazane aseke babhekana nalesi simo, naye ake wabhekana naso eminyakeni ewu-14 edlule.
Livele kanjalo kuNksz Nonkululeko Shibula ithuba lokuyomela iNingizimu Afrka kwi-Annual Conference of the International Stillbirth Alliance, okuyingqungquthela yokubhunga ngobunzima bokuthola umntwana eseshonile, ezokwenziwa ihlandla lika-19 eHilton Colombo, eSri Lanka ngoNovemba 3 kuya ku-6.
Elandisa Isolezwe ngaleli thuba, uNksz Shibula (33) odabuka eKwazini, KwaMaphumulo, uthe wehlelwa yilesi simo ngo-2010 ngenkathi ebeletha ingane isishonile, isimo athi samhlukumeza kakhulu, futhi senza wazihlupha ngolwazi ukuze singamphindi.
“Kwathi sengithole ulwazi lokuthi lesi simo senzeka futhi sigwenywa kanjani, ngasungula inhlangano engenzi nzuzo, Umzanyana Birth Services ngo-2021, ukusiza abanye abazali ababhekana nalesi simo ngokumele bakwenze, nokuthi bangenza kanjani ukusigwema,” kusho uNksz Shibula.
Eqhuba, uthe wukwenza imisebenzi enjalo nokuhlale ezihlupha ngolwazi ngalezi zimo, okwenze wezwa ngalo mcimbi, wase exhumana nabawuhlelayo, bawathanda kakhulu amacebo akhe, baze bamfaka nasethimbeni elihlela owalo nyaka.
“Ngikhuthazwe nawukuthi u-Okthoba yi-Pregnancy and Infant Loss Awareness Month, okuwumkhankaso wokushumayela lona leli vangeli lokuqwashisa abantu ngalesi simo sokufelwa wumntwana esemncane noma azalwe eseshonile,” kusho uNksz Shibula.
Uthe kumjabulise kakhulu ukuthi uzobe emele iNingizimu Afrika kwizikhulumi zamazwe omhlaba eziwu-100 emcimbini, lapho ezokhuluma khona ngesihloko esithi Stigma and Taboos Around Stillbirth in Africa, kubhekwa izinkolelo-ze zabantu ngalesi simo, nokuthi zizoqedwa kanjani emphakathini.
“Akupheleli lapho njengoba ngisazimisele ukuqhubeka naleli vangeli, ngifundise abantu besifazane ngalezi zimo, ikakhulukazi abendlu emnyama abangakaziqondi kahle,” kusho uNksz Shibula owabusiswa ngezingane ezintathu emva kokwamehlela.