INTOKAZI yaKwaNongoma ezakhele igama ngokwenza ama-video athinta izinto ezehlukene enkundleni i-Tik Tok, uSnothando Nkosi, izohlanganisa intsha ezalwe ngeminyaka yama-2000 ngenjongo yokuyiqwashisa iphinde iyithuthukise ngezinto ezihlukene empilweni.
USno uthe ubona kungcono ukuthi intsha yamanje ivulwe amehlo ngezinto eziningi ezithinta ibhizinisi, ukuziphatha nazo izinkundla zokuxhumana.
Umcimbi i-A Date with Snothando uzobe ubanjelwe ePlatnum Belt Restautant & Lounge, eMhlanga ngoMashi 1.
Ekhuluma neSolezwe, uthe ubone ukuthi ahlangane nale ntsha nabazali bayo ukuze babheke indlela ekhula ngayo, futhi ithole iziyalo la kudingeka khona.
“Ngenze umcimbi ofana nalona ukuze sihlangane nabazali nezingane zabo ezizalwa kule minyaka yama-2000, ukuze sibheke ukuthi singasizana kanjani ngezinto ezehlukene. Mina ekhasini lami yiyona le ntsha engilandelayo kakhulu futhi ngibone okuningi kuyona uma kukhona ama-video engiwafaka ezinkundleni zokuxhumana.
“Ngizogxila kakhulu ekuziphatheni njengoba ngibe yintombazane ehambe uMkhosi woMhlanga, yakhulela nasemndenini omkhulu obekwenzeka khona izinto ezehlukene ezinhle njengoba besinomamncane, obabekazi kanye nomalume. Ngizobacija ngezimfundiso zokukhulela emndenini onothando nabo ngizobafundisa ukuthanda imindeni yabo nokuthi bayithokozele imindeni abaphuma kuyo,” kusho uSnothando.
Uveze ukuthi uyabamema nabo bonke omalume, obabekazi nomamncane ukuthi bahambe nazo izingane ezizoba yingxenye yalo mcimbi.
“Kuzoba nezikhulumi ezintathu kuphela imina, uWendy Mbatha ozogxila kakhulu kwezamabhizinisi nokuthi ubhekana kanjani nokudicilelwa phansi isithunzi kakhulu kuzona izinkundla zokuxhumana uma ukhangisa izinto ozidayisayo kodwa ungapheli amandla noma kunjani. UMaMbomvu naye ozakhele igama kwi-Tik Tok uzokhuluma ngokubhekana namabhoklolo kuzona izinkundla zokuxhumana uma kukhona umsebenzi owenzayo ngayo,” kuchaza yena.
Uthe izinkundla zokuxhumana intsha ingazisebenzisa ukwenza imali enkulu njengoba ziyindawo enhle ukukhangisa.
Kulo mcimbi uveze ukuthi kungenwa ngo-R500 kanti umcimbi uzoqala ngo1 emini kuze kube u-5 ntambama.
Uthe imininingwane bangayithola emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana.