UKUTHANDA ukuhlale efuna ulwazi ngezinto ezintsha kwi-internet kumsize ngolwazi lokuthi aqale ibhizinisi elingavamile elokishini, lokudayisa u-ice cream nama-dessert okwazi ukuthi ungene uhlale phansi uzodla wona kuphela.
UNkk Thabisile (MaRadebe) Makhathini, ongumsunguli wenkampani, uMlazi Famous Ice cream, ekwaQ kulo leli lokishi, uthi wayezibhekela i-dessert angayenzela umyeni wakhe ngesikhathi ehlangana no-ice cream obukeka umnandi ekhasini lomuntu wase-Australia.
"Ngawuthanda lo ice cream kodwa ngathi uma ngibheka izinongo zawo, ngabona ukuthi ngeke ngizithole kuleli kodwa ngazitshela ukuthi ngizowenza noma ungeke ufane ncamashi. Ngawenzela umyeni wami ngoba ngiyazi ukuthi uneqiniso, uma into imnandi uzosho, uma futhi ishaya eceleni uzosho. Akayena nomuntu othanda izinto ezinoshukela, ngangazi ukuthi ngeke adidwe ushukela bese ethi kumnandi noma kungemnandi," kusho yena.
Uthe umyeni wakhe wathathwa ubuhle bawo engakawudli, wancoma. Uma esewudla, wathi umnandi futhi uhlukile wase ewufaka ezinkundleni zokuxhumana njengenjwayelo ngoba bajwayele ukufaka ukudla ngoba banekhishi elidayisa ukudla, i-bachelors kitchen, nalo aliqala ezidlalela.
"Nami ngenza okufanayo, abantu bavele babuza ukuthi uyimalini. Ngabuza umyeni wami, wavele wangihleka wathi sengifuna ukuwudayisa njalo. Ngavuma, washo imali eyayizisukela ekhanda lakhe. Sabaphendula abantu sabiza ethe xaxa kuno-ice cream ojwayelekile waselokishini. Sasingenandaba nokuthi abantu bazoza yini bazowuthenga noma cha, okwakubalulekile kithi ukuthi siyazi ukuthi unongwe ngezinongo ezisezingeni eliphezulu, wenziwa waba muhle ngakho imali esiyibizayo uyifanele. Ngalelo langa sathola ikhasimende esalifakela ezitsheni ze-dessert zasekhaya ngoba sasingenazo izitsha zokudayisa," kusho yena.
Uqhube wathi: "Ukufika kwamakhasimende ededelana kwamenza wacabanga ukuthi udinga izitsha ezinhle ezizokhombisa ubuhle buka-ice cream. Ngathi ngibheka ngabona inkampani edayisela ama-restaurant izitsha zokufaka u-ice cream. Ngazijuba ngabathumelela i-email ngicela bangidayisele izitsha nami. Engakhuluma naye wavele wangihleka, wathi ngeke bakwazi ukungidayisela ngoba bathatha i-oda elingu-10 000 kuya phezulu. Wathi bazongipha, kuzothi uma ibhizinisi likhula bese beyangidayisela," kusho yena.
Uthe ngesikhathi eqala ukudayisa u-ice cream nyakenye, ubewudayisa ngaphansi kwekhishi lokudla kodwa ngenxa yokuthi umane waduma ngokuthi u-ice cream, wabona ukuthi akawuqambe ngoMlazi Famous Ice cream.
Elokishini kunezinto eziningi ezidayisayo kusukela emagwinyeni, ama-fried chips nokunye, uthe lawo makhasimende yiwo athenga i-dessert ewu-ice cream noma ezinye izinto ezibandayo azidayisayo.
"Umuntu oqalayo ukufika ezothenga, ukhala ngokuthi kuyabiza kodwa uma esewudlile uyancoma abuye abuye," kusho yena.