IZINKINGA eziholela ekutheni abafelokazi bazithole beyinkomo edla yodwa ngemuva kokushona kwabayeni eziholele ekutheni asungule inhlangano ezohlanganisa abafelokazi abasebancane.
UNkk Mamatu Joyisa, waseThekwini, osungule inhlangano yabafelokazi abasebencane, iYoung Widows Talk, onezinyanga eziyisithupha eshonelwe umyeni wakhe, uthe ngalesi sikhathi uzithole enezinto eziningi afisa ukuzikhuluma kodwa abonayo ukuthi ngeke zizwakale kahle kwabanye abantu.
"Nginomunye umngani osekunesikhathi engumfelokazi, ngaphambi kokuthi nami ngibe umfelokazi bengingazi ukuthi kunezinto ezinzima kangaka. Bengazi ukuthi uma ungumzalwane, uthando uluthola kubo abazalwane, emndenini nakwabanye abantu osondelene nabo. Ukhuleke bese isilonda siyaphola kanti akunjalo,"
Uthe izinto ezincane ezifana nokulungisa ama-globe, ukuthenga izinto zemoto nokulungiswa kwayo ubengazazi futhi engazikhathazi ngazo ngoba ubenomyeni.
" Kudingeka ukuthi umqondo wakho uwubeke esimeni okuso. Kumele ungasasondeli kakhulu kubayeni babantu. Ubuhlungu onabo kungakwenza uzwe sengathi umnakwenu uqale ukubiza ubhuti wakho wasemzini ngesithandwa sakhe ngoba wena usushonelwe kanti cha. Bebevele bebizana kanjalo, ubunganaki ngoba nawe ubunesakho isithandwa," kuchaza yena.
Uthe ngaphandle kwalokho kunezinto eziningi ezikhona ezihlanganisa ukukhulisa izingane okuba eziwumqansa omkhulu ngoba izingane zijwayele ukuthi kunobaba.
"Kunzeka ngesikhathi uzama ukuba ubaba nomama wenze amaphutha. Izinto ezinjengalezi ezingenze ukuthi ngabona ukuthi kungcono lezi zindaba uma sizikhuluma sisodwa singabafelokazi abashonelwe abayeni besabancane. Kubantu engiqale nabo kukhona asebeminyaka eyevile kwewu-10 bashonelwa ngabayeni. Kukhona abasanezinyanga ezimbalwa beshonelwe abangazi nokuthi kunemele baxoxele bani ngezinkinga ababhekene nazo," kusho yena.
Uqhube wathi bayahlangana babe nesigcawu bakhulume nezinto esizuke zishisa ibunzi ngaleso sikhathi. Babuye babize ongoti abathile abazobasiza ngoba ezinye izinto zibukeka zilula ngoba akukho sikhathi esibekelwe zona njengokuthi asikho isikhathi esibekiwe sokuthi usungaqoma.
"Iningi lethu singabantu abamnyama abanezinkolelelo namasiko amaningi. Sonke siyavumelana ukuthi kuya ngomuntu ukuthi ufisa ukuqoma noma cha, kodwa indaba enkulu eyokuthi uma usuqomile umjolo wakho ungakujabulela yini ukuthi uze ufike ezingeni lo mshado. Uma kunjalo ulotsholwa kuphi? Ubuye uthelwe ngenyongo emzini omusha. Izingane zona uzishiya kuphi uma usuyoshada. Uma kwenzeka eshona nomyeni wesibili wenzenjani uyazila futhi," kusho yena.
Uthe indlela abantu abazila ngayo abafani, omunye ukhetha ukujima, omunye uhlala yedwa, omunye uthanda ukuya esontweni omunye uthanda ukuthenga omunye ufunda ukuziphaqula abe muhle kodwa okungahlangene nokuthi ufuna ukubonwa ngamadoda. Umunye uthanda ukuvakasha.
"Ake ucabange ukuthi uma kade ungumuntu ongakhonzile ukuziphaqula, ubonakale usuziphaqula, usufake izinkophe nezinzipho. Kuzothiwani? Uma unomamezala naye owumfelokazi ngeke ayiqonde into oyenzayo kanti umuntu osemusha uyaqonda ukuthi ukhethe ukuba umuntu omusha. Lokhu kuyakujabulisa. Ngeke kubuqede ubuhlungu kodwa kukwenza uzizwe ungcono," kusho uNkk Joyisa.